URiveiro weneme, kodwa khona okungamgculisi ngeBucs
- Sibongiseni GUMBI
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, ujabule ngendlela iqembu lakhe elilwe ngayo emidlalweni yalo yakamuva.
IPirates ibuye kade seyilandela ngemuva ukushaya iChippa United ngo 2-1 emdlalweni wayo wokuqala kwiBetway Premiership.
UMonnapule Saleng ushaye igoli lokunqoba sekubalwa amanenjana umdlalo uphele.
IPirates iqale yalandela ngemuva ngo 1-0 kodwa yakhombisa ukulwa ukuze igcine inqobile.
URiveiro uncome iqembu lakhe ngemizamo yalo yokubuya kade selinengcindezi lilandela ngemuva.
“Sesivele sisemiqhudelwaneni emithathu, sidlala imidlalo okufanele siyiwine njalo ezinsukwini ezimbili noma ezintathu,” kusho uRiveiro.
Ubuvumile ubunzima bohlelo lwemidlalo esondelene, kodwa wagcizelela ukubaluleka kokugcina umfutho.
URiveiro, nokho, akazange aneliseke ngokudlala kweqembu lakhe ngesiwombe sokuqala.
“Sivumele iChippa ukuthi ifanelwe ukuthola igoli, futhi lokho kuyinto esingeke sakwazi ukuyenza, ikakhulukazi uma sisekhaya,” kuqhuba uRiveiro.
IChippa ishaye igoli kuqala, kodwa iPirates yalinganisaa ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini, yashintsha umfutho womdlalo.
Ngesikhathi kuyiwa ekhefini, uRiveiro uvumile ukuthi abadlali bebengajabule neze.
“Siphatheke kabi ngendlela esidlale ngayo, yize sishaye igoli ngaphambi kwekhefu.
“Beyingekho injabulo egunjini lethu lokushintshela,” kuchaza yena.
Yize bebedinwe, iPirates ibuye seyingcono ngesiwombe sesibili.
Isebenze kanzima, yaphikelela phambili, yagcina ilitholile igoli lokuwina ngoSaleng.
URiveiro ugcizelele ukuthi umphumela awufiki kalula.
“Akukho okuza mahhala. Asikwazi ukulindela ukwenza kahle ngaso sonke isikhathi,” kusaqhuba yena.
Uphinde wagqamisa ukubaluleka kokwazisa iphuzu ngalinye, noma ngabe umdlalo bewunzima noma bewulula.
Lo mqeqeshi uphinde waveza ukuthi ngeke kube okokugcina iqembu lakhe libuya ekugcineni.
Ukholwa ukuthi lo mdlalo ukhombise ikhono lePirates lokuzilwela uma kudingeka.
“Sibonisile namuhla ukuthi sinamandla okujaha umdlalo, futhi lokho kuyinto esizoyidinga isizini yonke,” kuphetha uRiveiro.
IPirates manje isishintshela enseleleni yayo elandelayo, kodwa uRiveiro unethemba lokuthi banomoya ofanele wokuqhubeka nokulwa.
OLUNYE UDABA: UMaela ungene emabhukwini omlando wePirates
Izobhekana neJwaneng Galaxy yaseBotswana koweCaf Champions League ngoMgqibelo e-Orlando Stadium.