EzintshaOrlando Pirates

Kuvela igama lomunye ongase adedelwe yiPirates

Sekunomunye umdlali ukubikwa ukuthi uzoba uyalandela ekukhonjweni indlela kwi-Orlando Pirates.

Lokhu kubhekwe ukuthi kwenzeke ngaphambi kokuvalwa kwewindi lokudayiselana ngabadlali ngoLwesihlanu.

IPirates isivele idedele inqwaba yabadlali ewindini lokudayiselana ngabadlali kanti owakamuva kube nguLesedi Kapinga.

Ukuhamba kwalo mdlali oneminyaka engu-28 ubudala kuqinisekiswe yiPirates ngoLwesibili ntambama.

Imemezela ukushiya kukaKapinga nje bese kusele usuku ukuthi iqale umkhankaso wayo weBetway Premiership. 

Ngaphambi kukaKapinga, ojoyine esuka kwiMamelodi Sundowns ngesizini edlule, iPirates ibisikhiphe abadlali abangaphezu kwabahlanu.

UFortune Makaringe waba ngowokuqala, kwathi ngokuhamba kwesikhathi walandelwa oVincence Pule, uRichard Ofori, uSiyabonga Mpontshane, uKermit Erasmus noThabang Monare.

Nokho uMpontshane usebuyele eqenjini njengengxenye yeqembu labaqeqeshi la esiza khona umqeqeshi wonozinti. 

Futhi manje izindaba ezifinyelela kwiLisenethini zithi uKatlego Otladisa naye angase aphume kanje. 

U-Otladisa ubelithola amacozucozu ijezi kwiPirates kusukela ejoyine esuka iMarumo Gallants kumasizini amabili edlule. 

Futhi manje ngokusho kwe-Uplayable ZA, uzoshiya ngenhloso yokufuna isikhathi esiningi sokudlala kwenye indawo.

“Kungenzeka ukuthi ahambe futhi angase ajoyine iGolden Arrows (ebolekisiwe), kodwa akukho okuqinisekisiwe okwamanje,” kucashunwe umthombo usho kanje.