Caf Champions LeagueEzintsha

Riveiro: Besingapholile isilonda seGalaxy

Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, uthi ukushaywa yiJwaneng Galaxy ngesizini edlule kudlale indima enkulu ekunqobeni kwabo ngo 2-0 ngempelasonto.

IPirates ihlangane nalezi zinkunzi zaseBotswana emzuliswaneni wesibili wokuhlungela iCaf Champions League.

Amagoli oTshegofatso Mabasa noDeon Hotto yiwo aqinisekise ukuti iPirates iyanqoba eNational Stadium ebigcwele phama ngoMgqibelo.

IGalaxy yayishaye iPirates sekukhahlelwa amaphenathi ngesizini edlule, yashiya izinyembezi e-Orlando Stadium. 

Kulokhu, uRiveiro uzimisele ukushintsha izinto.

“Kwaba buhlungu ukuphuthelwa isigaba samaqoqo ngesizini edlule. 

“IJwaneng beyingcono kunathi ngaleso sikhathi,” kuvuma uRiveiro.

“Manje, sinelinye ithuba… Besazi ukuthi kuzoba nzima ukudlala lapha, kodwa sesingcono kusukela ngesizini edlule. 

Yize kube nezinkinga lapha nalaphaya, kodwa uRiveiro ujabule ngokusebenza kweqembu lakhe. 

“Ukudlala lapha kuyinselelo enkulu, kodwa sikwazile ukuthola umphumela omuhle”, kusho yena. 

“Bekungaba ngenye indlela, kodwa sikwazile ukuthola amagoli ezikhathini ezibalulekile.” 

Umqeqeshi wePirates uphinde wancoma iGalaxy nomqeqeshi wayo, uMorena Ramoreboli, ongumqeqeshi ohlonishwayo waseNingizimu Afrika.

Ugcizelele indlela iGalaxy enzima ngayo, ikakhulukazi ekhaya.

“Namuhla kube wubufakazi bokuthi baqine kangakanani,” kwengeza yena. “Sithole umphumela omuhle, kodwa umdlalo awukapheli. Sisenemizuzu engu-90 okumele siyidlale.”

Umdlalo womlenze wesibili uzoba se-Orlando Stadium ngoMgqibelo ngo-6 ntambama, okuyilapho kuzocaca khona elidlulela kweyamaqoqo.