EzintshaKaizer Chiefs

UKhune angafunda lukhulu kokwenzeka kuJele

U-Itumeleng Khune, inkakha yeKaizer Chiefs, usesondela ekupheleni kwezinsuku zakhe zokudlala futhi ubhekene nesikhathi esibucayi.

IChiefs seyikushilo ukuthi uKhune ngeke esadlala kuleli qembu futhi uma efuna ukuqhubeka nokudlala kumele aye kwelinye iqembu. 

Vele ke ngeke aliswele isikhathi eside iqembu uKhune ngoba ulisebenzele igama lakhe.

Njengomunye wabadlali asebehlale isikhathi eside kwiChiefs, uKhune uzakhele igama njengomdlali othembekile eqenjini.

Nokho, njengoba ekhula futhi eseyekisiwe ukudlala, kufanele acabangisise ngekusasa lakhe.

UKhune kumele agweme isimo esifana nesikaHappy Jele, owashiya i-Orlando Pirates waya kwiRoyal AM.

Ekugcineni uJele walahlekelwa wukuhlonishwa nothando abalandeli nabaphathi beqembu ababenakho ngaye. 

UHappy Jele wahlala iminyaka engu-16 kwi-Orlando Pirates, waba yisibonelo esihle. 

Ubuholi bakhe, ukwethembeka, nokusebenza ngokuzimisela ngaso sonke isikhathi kwamenza waba umuntu othandekayo kubalandeli bePirates.

Kodwa-ke, ukuphuma kwakhe ayojoyina iRoyal AM kwalilimaza igama lakhe.

Abalandeli bahlukena phakathi ngemibono, futhi ukuhamba kwakhe kwabonakala kuwukubadayisa.

Okwenzeke kuJele kuyisixwayiso kuKhune, naye obhekene nesimo esifanayo la kumele anqube phakathi kokuwabeka emgibeni amakhokho noma aye kwelinye iqembu.

UKhune ubengeyena nje umdlali kwiKaizer Chiefs; ubengubuso beqembu, uphawu lokwethembeka nokuzinikela.

Igama lakhe likhulu kwiChiefs, futhi ukushiya ngoba efuna isikhathi sokudlala kwenye ikilabhu kungalimosha igama lakhe.

UKhune kumele akhumbule ukuthi isithunzi sakhe singaphezu kwesikhathi sokudlala. 

Unendawo ekhethekile ezinhliziyweni zabalandeli beChiefs, futhi ukuhlala ekilabhini kungalondoloza lobo buhlobo.

Ngaphezu kwalokho, ikusasa likaKhune kwiChiefs lingaba lihle uma ehlala kunokuthi ahambe. 

Engangena kulesi sikhundla afunelwa sona sokuba wubuso beqembu, kodwa abe efunda ngaphakathi, bese enyukela komunye umsebenzi. 

Ngokuhlala ethembekile eqenjini elamenza isihlabani, uKhune angaqinisekisa ukuthi igama lakhe lihlala lilihle, ngokungafani noJele.

UJele akasathakaselwa ngendlela efanayo ngemuva kokushiya iPirates.

UKhune kufanele afunde kokwenzeke kuJele futhi agweme ukubeka engcupheni isikhundla sakhe kwiKaizer Chiefs.

Ngokuthatha umhlalaphansi ngokuhloniphekile eqenjini noma ngokudlulela endimeni entsha, angaqinisekisa ukuthi igama lakhe lihlala lihlangene neChiefs ngendlela enhle kakhulu.