Confederation CupEzintsha

Kuvela okucike owe-AS Vita osule esidlangalaleni

IStellenbosch FC inqobe i-AS Vita ngo 2-0 emzuliswaneni wesibili wokuhlunga kwiCaf Confederation Cup, kwasuka izidubedube.

Umdlalo bewuseCape Town Stadium ngoLwesihlanu ebusuku. 

UThabo Moloisane noLehlohonolo Mojela yibo abashaye amagoli, abeke iStellies endaweni enhle. 

Abalandeli be-AS Vita bebebaningana enkundleni kodwa bacikekile ngendlela iqembu elidlale ngayo. 

Intukuthelo yabo bayibhekise kumqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou.

Uzidalele amazinyo abushelelezi naye ngesikhathi enza uphawu olukhombisa ukuthi uthi ‘gede’ kubo. 

Uthe ephuma enkundleni ekupheleni kwesiwombe sokuqala, wabe esejikijelwa ngezibi. 

Izinkinga ze-AS Vita ziqale ngesikhathi ihluleka wukufika ngesikhathi esifanele eKapa. 

Ifike ngoLwesihlanu (usuku lomdlalo) ngo-4 ezintatha kanti kuthiwa beyinezinkinga zezimvume zokungena kuleli. 

Nokho iqembu lenze kangcono esiwombeni sesibili, kodwa iStellies yakwazi ukubambelela, yagcina inqobile. 

Ngemuva komdlalo, u-Ouaddou umangaze wonke umuntu ngokumemezela ukuhoxa kwakhe kulo msebenzi.

Ukhale ngokungahleleki kwabaphathi, ikakhulukazi ukufika ngosuku lomdlalo, njengesizathu.

“Siqale umdlalo engxenyeni yesibili kuphela ngoba, engxenyeni yokuqala, besisesendizeni,” kuphawula u-Ouaddou.

Uhalalisele abadlali bakhe ngemizamo yabo, kodwa ukungeneliseki kwakhe bekusobala.

Ukuhoxa kuka-Ouaddou kuthuse wonke umuntu, ngisho abadlali bakhe abazwe lezi zindaba emhlanganweni nabezindaba. 

Ukwenze kwacaca ukuthi ngeke esakwazi ukusebenza ngaphansi kwezimo ezinjalo.

IStellenbosch izoya eDR Congo ukuyodlala umlenze wesibili ngeSonto likaSepthemba 22.