DStv Premiership

IRoyal AM ‘ithembele’ kusihlalo ukujuqa iCity

IRoyal AM izobe ihlose ukuthola amaphuzu aphelele uma seyamukela iCape Town City eHarry Gwala Stadium ngoMgqibelo.

Lo mdlalo uthembisa ukushuba kakhulu njengoba womabili amaqembu elangazelela ukuqala kahle kwiBetway Premiership.

Okuzothatha amehlo ngalo mdlalo wukuthi kuqale usihlalo weqembu, u-Andile Mpisane.

Lo mdlali uke waphenduka ihlaya ngesizini edlule ngenxa yokuthi ubedlala engekho esimweni esifanele ngokwesisindo.

Nokho kuthiwa usebenze kanzima ukwehlisa isisindo nokubuyela esimweni esifanele sokudlala. 

IRoyal AM, esingena kwisizini yesibili isesigwebeni sokungasayini abadlali abasha, kuzodingeka ithembele eqenjini layo elikhona.

IFifa ivimbele iRoyal AM ukusayina abadlali ngenxa ka-R12 million ewukweleta uSamir Nurkovic.

Leli qembu likwazile ukugwema ukudliwa yizembe ngesizini edlule, laqeda linamaphuzu angu-33 kuphela emidlalweni engu-30.

Linqobe kanye kuphela emidlalweni yabo eyisithupha edlule yeligi, futhi laba nenhlanhla yokuhlala kule ligi. 

Emuva bekuvuzavuza impela njengoba ingenelwe amagoli angu-43 emidlalweni yeligi. 

ICape Town City, esanda kuhlulwa yi-Orlando Pirates kwiMTN8, izbe ibheke ukuhlomula amaphuzu okuqala. 

Iqede isizini edlule isendaweni yesihlanu ilingana ngamaphuzu neSekhukhune eqede kweyesine, yasala ngenxa yamagoli ekutheni ibuyele emidlalweni yezindebe zeCaf.

ICity iqoqe amaphuzu angu-45 ngesizini edlule, yashaya amagoli angu-32, yangenelwa angu-26.

Ingase ihlangabezane nenselelo yamagoli njengoba ilahlekelwe uKhanyisa Mayo, umgadli oqede endaweni yesibili ekushayeni amagoli ngesizini edlule.

ICity ivamise ukuzitamuzela nje kwiRoyal AM, iwine imidlalo engu-11 kwengu-20 asebeyidlalile. 

IRoyal AM inqobe emithathu kuphela. IThwihli Thwahla isanda kuthola induku ka 3-1 emdlalweni wobungani ibhekene neRichards Bay.

Lokhu kuvezele uJohn Maduka izinselelo abhekene nazo kanti kuzothatha amehlo ukubona ukuthi usezilungisile yini. 

Cape Town City, yize isheshe yaphuma kwiMTN8, ikhombise ukubumbana nokulwa emdlalweni wayo.

Njengoba womabili amaqembu elangazelela ukuqala ngamandla, lo mdlalo uthembisa ukuba yimpi yangempela.