IPirates inqume umsila kwiGalaxy
- Sibongiseni GUMBI
Izibuyise zishisa izinduuku i-Orlando Pirates, iphendula iJwaneng Galaxy iminqolo ngokuyishayela kubo.
IPirates inqobe lo mdlalo weCaf Champions League obuseBotswana National Stadium ngoMgqibelo ntambama ngo 2-0.
Igoli lokuqala lingene esiwombeni sokuqala, lishaywa uTshegofatso Mabasa sekubalwa amanenjana kuyiwe ekhefini.
Elesibili lishaywe uDeon Hotto ngomzuzu ka-77, kwacaca ukuthi sekuyasinda kwiGalaxy.
Leli qembu bese liqala ukuyiphuza inyongo njengoba yabukisa ngayo ngesizini edlule, iyiwashisa ijezi esigabeni semidlalo yokuhlunga.
Ngale kokushaya amagoli, iPirates ayizange idlale ibhola elihgculisayo kulo mdlalo.
Abadlali abavamise ukuyenza ihlangane, oPatrick Maswanganyi noRelebohile Mofokeng bebemakwe kakhulu.
Bagcine bengawuqedanga bobabili umdlalo, uJose Riveiro efaka abadlali basemuva ukuqinisekisa ukuthi iGalaxy ayibuyi.
Umdlalo womlenze wesibili uzoba se-Orlando Stadium ngoMgqibelo kanti elizonqoba lizodlulela esigabeni samaqoqo.
OLUNYE UDABA: Isidlale ‘ingaphelele’ isiwombe sokuqala iRoyal AM
Ngokuma kwezinto, kubukeka iPirates seyilufakile unyawo ollulodwa kulesi sigaba la kuqala khona ukushuba kakhulu.