IGalaxy ayimsabisi uRiveiro wePirates ‘esithuthukile’
- Sibongiseni GUMBI
Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro uthi iqembu lakhe selikhule kakhulu kusukela ligcina ukudlala neJwaneng Galaxy.
La maqembu azohlangana eBotswana Nationala Stadium emdlalweni weCaf Champions League ngoMgqibelo ngo-4 ntambama.
IPirates idlule ngehubo kwiDisciples FC, iyishaya ngo-4-0 sekuhlanganiswe imiphumela.
Lokhu kuyibekisele indawo emzuliswaneni wesibili wemidlalo yokuhlunga kwiChampions League la isibhekene khona neGalaxy.
Ngonyaka odlule, iGalaxy yakhipha iPirates kwiChampions League, iyishaya sekukhahlelwa amaphenathi.
IPirates yahlulwa ngo 1-0 eBotswana kodwa yafika ekhaya nayo yawina ngo 1-0, okwenza indaba iyoqedelwa phansi kwepali.
Nokho, uRiveiro ugcizelela ukuthi iPirates seyithuthuke kakhulu kusukela lapho.
“Sisezingeni elihlukile manje,”kusho uRiveiro ngaphambi komdlalo.
“Siyayihlonipha iJwaneng Galaxy, kodwa sikulungele ukubhekana nenselelo yayo”.
I-Galaxy, eqeqeshwa nguMorena Ramoreboli, ikhula ngendlela encomekayo kwiChampions League.
NoRiveiro, odabuka eSpain uyakuvuma ukuthi iyiqembu eliyinkinga.
“Abenzi ngenhlanhla. Bamele izwe labo kahle ngesizini edlule, futhi siyabahlonipha ngalokho,” kwengeza lo mqeqeshi.
Yize ezihlonipha lezi zimbangi zabo, uRiveiro ugcizelele ukukhula kwePirates ngonyaka odlule.
“Siyiqembu elihlukile kunangonyaka odlule, futhi sesithuthuke kakhulu.
“Sikulungele ukuncintisana nabo futhi sibe ngcono kulokhu.”
Umdlalo wokuqala uzoba seBotswana, bese kuthi owesibili ube se-Orlando Stadium ngesonto elizayo.
IPirates ihlose ukuthatha ukuzibeka endaweni enhle ngokunqoba eBotswana ukuze yehlise ingcindezi yomdlalo wasekhaya.
Njengoba benokuzethemba okukhulu, uRiveiro nabadlali bakhe balangazelela ukwenza kangcono kulokhu kwiChampions League.
OLUNYE UDABA: UKhune angafunda lukhulu kokwenzeka kuJele
Kulindeleke ukuthi kube wumdlalo ohehayo, kodwa iPirates ikulungele ukukhombisa ukuthi ifundilé emaphutheni onyaka odlule.