Caf Champions LeagueEzintsha

IPirates isentendeni yesandla kuRamoreboli 

Umqeqeshi weJwaneng Galaxy, uMorena Ramoreboli, useveze ukuthi ulazi kangakanani iningi labadlali be-Orlando Pirates. 

URamoreboli uveze ubudlelwano besikhathi eside anabo nezinye zezethenjwa ekhempini yePirates.

Ubekhuluma ngaphambi komdlalo wabo wokuqala womzuliswano wesibili wokuhlungela iCaf Champions League. 

Lo mdlalo olindelwe ngabomvu uzoqala ngo-4 ntambama ngoMgqibelo ntambama eBotswana National Stadium.

“IPirates inabadlali engangibaqeqesha besebancane,” usho kanje ekhuluma nabeMetro FM ngoLwesine. 

“Ngasebenza noTshegofatso Mabasa esemncane. Ngijabule ngokuthi usengumdlali ovelele namuhla.”

URamoreboli uchaze ukuthi uphinde wasebenza noKabelo Dlamini noSipho Chaine. 

Ukubabona bekhula futhi bechuma beba ngabadlali abamqoka kwiPirates uthi kumlethele injabulo enkulu.

“Uma sidlala nePirates, kusuke kuwumdlalo okungathi owegqubu. 

“Ngiyathanda ukubona abadlali engibaqeqeshile phambilini bekhula. 

“Ngiyazi ukuthi bacabanga kanjani uma besenkundleni,” kwengeza uRamoreboli.

Lo mqeqeshi ugqamise ulwazi lwakhe olunzulu ngemikhuba yabadlali bePirates asebenze nabo phambilini. 

“Ngiyawazi wonke amaphethini kaSipho Chaine. Ungangibuza noma nini, ngingakutshela ukuthi lizoyaphi ibhola uma eke walibeka phansi.”

Lokhu kuqonda kahle kwabadlali abamqoka bePirates kunikeza uRamoreboli ukuzethemba ngokubhekana nayo. 

“Ngiyazi ukuthi uTshego ufuna ukwenzani uma ethola ibhola. 

“Ngiyazi ukuthi uKabelo uzokwenzani uma esethole ibhola,” kuchaza lo mqeqeshi.

URamoreboli ukholwa ukuthi lolu lwazi lwenza umsebenzi wakhe ube lula uma elungiselela ukushaya iPirates. 

“Ukubazi ngaphakathi kunginika ithuba,” kuphetha lo mqeqeshi odabuka eFree State.