Kubuye ‘obeselivini’ yeminyaka emibili kwiRoyal AM
- Sibongiseni GUMBI
IRoyal AM isimemezele ukuthi sibuyele eqenjini isikhulu esinamava uSinky Mnisi.
Kodwa okudonsa amehlo ngalesi simemezelo wukuthi iRoyal AM ithe uMnisi ‘ubesekhefini eliyisipesheli’.
Yayivele imemezele kanjena nangesikhathi eshiya eminyakeni ecela kwemithathu edlule.
“IRoyal AM iyakuthokozela ukumemezela ukubuya kukaSinky Mnisi osejoyine iqembu ebuya ekhefini lokubhekana nezinkinga zomndeni.
“Kusukela manje, uMnisi uzothatha isikhundla sokuba yiChief Operations Officer kule minyaka emithathu ezayo,” kubhala iRoyal AM esitatimendeni.
Ngesikhathi ‘esekhefini lakhe lokunakekela umndeni’ uMnisi uthathe umsebenzi kwiMarumo Gallants ngesizini edlule, waba yimenenja jikelele.
Nokho uxoshiwe kuleli qembu laseLimpopo ngemuva kwezinsolo zokuthi akakufezanga ayekuthembise ngesikhathi eqashwa.
Bekukhona nezinsolo zokuthi uthembise leli qembu ebelidlala kwiMotsepe Foundation Championship ukuthi uzolisiza likhuphukele kwiligi enkulu ngokusebenzisa ‘umuthi oyisipesheli’.
Kusenecala elisaqhubeka enkantolo phakathi kwakhe neGallants njengoba besolana ngokukweletana.
IGallants seyizodlala kwiBetway Premiership njengoba ithenge isitifiketi seMoroka Swallows ekupheleni kwesizini edlule kanti izozinza eBloemfontein.
Kodwa ngaphezu kwalokhu, iRoyal AM ithi uMnisi usazibophezele kuyo ngisho nangesikhathi ebengekho.
“Ngesikhathi engekho ubehlezi ezibophezele ezimisweni nasezinjongweni zeRoyal AM.
“Futhi ukubuya kwakhe kuthakaselwe kakhulu amalungu eqembu nabalandeli ngokufanayo.
“Ngolwazi olunzulu nokuqonda okujulile ngamasiko nezifiso zeqembu, uMnisi usesimweni esiyingqayizivele sokuhola iRoyal AM iqale isahluko esisha.”