UJali neseluleko esibalulekile kuMatrose
- Intatheli yeLISENETHINI
Umdlali wasesiswini weChippa United u-Andile Jali useveze ukuthi uzoba ubhuti omdala kuzakwabo u-Azola Matrose.
Lo mdlali, oneminyaka engu-21, ubekwi-Orlando Pirates, futhi usanda kubuyela kwiChippa United.
UMatrose ushiye iChippa waya kwiPirates ngesizini ka-2022/23.
Nokho uhlulekile ukuthola ukungena eqenjini eliqala imidlalo kwiPirates waphinde waphazanyiswa wukulimala.
Lokhu kuholele ekutheni aphinde abolekiswe kuleli qembu elizinze e-Eastern Cape.
Manje, uMatrose usebuyele unomphela kwiChippa, wasayina inkontileka yeminyaka emibili nombandela wokwelula ngeminye emibili.
UJali ekhuluma ne-iDiski Times, ugqugquzele uMatrose ukuthi angathathi lesi simo ngokuthi kuwukubuyela emuva.
“Uyazi uyazikhethela, uthatha izinqumo, bese uyazazi ukuthi ufuna ukuba kuphi,” kusho uJali.
Ugcizelele ukuthi izinqumo, kungakhathaliseki ukuthi abanye bathini, kufanele zihambisane nemigomo yakho.
UJali uphinde wabalula ukuthi nomqeqeshi weluleke uMatrose ukuthi akubheke ngokuthi bekuyisikhathi sokufunda nokukhula.
“Usemncane,” kusho uJali, “Futhi kufanele akubheke lokhu njengesifundo esibalulekile.”
Lo mdlali osemncane useke wayizwa impilo eqenjini eliphezulu njengePirates.
UJali ukholwa wukuthi uMatrose kufanele agcine izinga eliphezulu alifunde khona, noma esebuyele kwiChippa.
UJali uphethe ngokunxusa uMatrose ukuthi aqhubeke nokuwuphusha umdlalo wakhe awubeke kwelinye izinga.
“Kumele azibuke ngokuthi usekwiPirates namanje, yize esebuyele kwiChippa,” kweluleka uJali.
UMatrose unekusasa eliqhakazile, kanti ngokuholwa ngabadlali abanamava abafana noJali, usezokhula kakhulu.
Ukubuyela kwiChippa kungase kube yisiqalo esisha asidingayo ukuvuselela ibhola lakhe.