EzintshaMotsepe Foundation Championship

Seligcwale umoya kumqeqeshi obethembise izulu nomhlaba

Sekuqhume idivosi phakathi kweBaroka FC nomqeqeshi uMorgan Mammila. Isimemezelo esisemthethweni kulindeleke ukuthi sikhishwe ngoMsombuluko. 

Ngokubika kweSportsWire uMammila uhlangane nezikhulu zeBaroka ngeSonto ebusuku. 

Umhlangano uholele ekunqanyulweni kwenkontileka yakhe ngokuvumelana kwazo zombili izinhlangothi.

UMammila uqokwe njengomqeqeshi obambile kwiBaroka ngesikhathi kudlalwa imidlalo yokuhlunga yePSL ngesizini edlule evala isikhala sikaDan Malesela. 

Uthathe izintambo ngemuva kokuthi iBaroka iphume isithathu kwiMotsepe Foundation Championship ngaphansi kukaMalesela.

Emdlalweni wakhe wokuqala njengomqeqeshi obambile, uMammila wadlala ngokulingana neRichards Bay. 

Nokho iBaroka ihlulwe kanzima emlenzeni wesibili, nokwaqinisekisa ukuthi isazohlala kwiChampionship kule sizini.

UMammila uqokwe njengomqeqeshi weBaroka ngokugcwele ekuqaleni kwale sizini. 

Ngeshwa iqembu lithwale kanzima, ladlala ngokulingana laphinde lahlulwa emidlalweni yalo emibili yokuqala. 

Ingenelwe amagoli amahlanu ekubeni yona ishaye amabili kuphela, okuyinto okusolakala ukuthi ikhathaze abaphathi.

UMammila uzwakalise isifiso sakhe sokuhola iBaroka ibuyele kwiligi ephezulu, ethi lokho kuzodinda amaphuzu angu-60. 

Nokho ukuqala kabi kushiye iBaroka ingasemsileni weMotsepe Foundation Championship, kwamlahlekisela ngomsebenzi.

Usihlalo weBaroka, uKhurishi Mphahlele, usazimisele ngokubona iqembu lakhe libuyela esigabeni esiphezulu. 

Iqembu ligawulwe yizembe kwiBetway Premiership ekupheleni kwesizini ka-2021/22.