EzintshaOrlando Pirates

URiveiro uchazwa abalandeli beBucs e-Orlando

Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, uveze ukujabula kwakhe ngabalandeli abebesee-Orlando Stadium ngoMgqibelo.

Uthi basize iqembu lakhe lishaye iCape Town City ngo 2-0, okwenze yaphinde yangena kowamanqamu weMTN8 okwesithathu kulandelana.

Inkundla beyichichima abalandeli beBhakabhaka abebejabule, kanti nePirates idlale kahle.

Inqobe ngamagoli oTshegofatso Mabasa noDeon Hotto, yanqoba ngo 3-1 sekuhlanganiswe imiphumela yemilenze yomibili. 

Eqinisweni, bekungase kube kubi kakhulu kwiCity, ebingafani neqembu ebiyilo emlenzeni wokuqala owaphela ngo 1-1 eCape Town Stadium ngoLwesithathu.

“Ngo-2022, ngiqala lapha, ngamangala ukuthi abantu babengekho enkundleni, ngangazi ukuthi iPirates inabo abalandeli,” kusho uRiveiro. 

“Siyazi ukuthi yini esizama ukubapha yona ngaso sonke isikhathi, sinesibopho sokuzinikela kuyo yonke imidlalo, futhi uma senza ithalente likhona. 

“Sidlala ibhola elihle, noma siyawina noma singawini, asikwazi ukulawula umphumela njalo.

“Sijabule kakhulu ngokuba nabo (abalandeli) lapha, bayasikhuthaza kakhulu.”

URiveiro wengeze ngokuthi igoli likaMabasa lokuvula ngomzuzu ka-25 livumele iBhakabhaka ukuthi lilawule umdlalo.

“Ekuqaleni umdlalo ubunzinyana kodwa kancane kancane saqala awulawula,” kuqhuba yena. 

“Sithole igoli lokuqala … futhi ukusuka lapho bese sikhululeke kakhulu. 

“Sibe namathuba amaningi okuqeda umdlalo sisesiwombeni sesibili… 

“Kodwa ngicabanga ukuthi iqembu lidlale kahle,lijabulela ukudlala ibhola. 

“Okubaluleke kakhulu wukuthi wonke umuntu ubeza,a konke okusemandleni akhe.”