UMothwa ubona ithuba lokudla ijezi kwiBafana
- Alfred NGUBANE
UVeli Mothwa, ongunozinti wokuqina waMaZulu FC, ubona ukungabi khona kukakaputeni weBafana Bafana uRonwen Williams kuyithuba elihle kuyo.
Ekhuluma neLisenethini kuleli sonto, uMothwa uthe uzokulwela ukuqala imidlalo emibili yeBafana ezayo.
IBafana izohlangana namuhla ngeSonto ukuqala amalungiselelo emidlalo emibili yokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon).
Izobhekana ne-Uganda e-Orlando Stadium ngoLwesihlanu bese iya ekuhambeni kwiSouth Sudan ngoSepthemba 10.
UWilliams, okunguyena oqala imidlalo kwiMamelodi Sundowns nakwiBafana, usalimele futhi akafakwanga eqenjini.
Kungene yena uMothwa, uRicardo Goss nonozinti wePirates osefomini enhle kakhulu, uSipho Chaine.
“Yithuba elihle leli lokuthi ngiqale umdlalo kwiBafana Bafana kule emibili ezayo,” kusho uMothwa.
Kodwa konke kuncike kumqeqeshi uHugo Brook ukuthi uzoqala ngobani phakathi kwethu noRicardo Goss.”
Nokho kungenzeka uBroos aqunge isibindi alinike uChaine ijezi njengoba oMothwa noGoss bengakadlali kule sizini.
UChaine usedlale imidlalo emihlanu kwiPirates kanti wenza umsebenzi omuhle kakhulu, ikakhulukazi kweyeMTN8 bebhekene neCape Town City.
“Ngizolibanga nonozinti asebefudumele ijezi njenogba uGoss noChaine sebeqalile ukudlala…
“Kuyinselelo engiyijabulelayo njengoba ngingakaze ngawudlala umdlalo osemthethweni kule sizini.
OLUNYE UDABA: IPirates isemnyango wokuqopha umlando ngeMTN8
“Ngisagcine ngemidlalo yokuzikuzicijela isizini entsha,” kusho uMothwa ngokuzethemba.