UMokwena uphawula ngokuhlulwa kowokuqala kwiWydad
- Sibongiseni GUMBI
URulani Mokwena uqale kabi emdlalweni wakhe wokuqala njengomqeqeshi weWydad Athletic Club.
I-Wydad ihlulwe ngo 1-0 yiMAS de Fes, ethole igoli ngephenathi emizuzwini eyengezwe unompempe ekupheleni komdlalo.
Naphezu kokulawula umdlalo nokuba nokukhahlelela ipali kaningi kunezimbangi, iWydad ayikwazanga ukuthola iwini.
UMokwena uzwakalise ukuphoxeka kwakhe ngalo mphumela kodwa wakhetha ukugxila kokuhle akubonile kulo mdlalo.
“Ngibuhlungu ngoba angikuthandi ukuhlulwa. Ngingumuntu ongakwamukeli ukwehlulwa,” usho kanje ngemuva komdlalo.
Uncome izimbangi zabo, wathi zibanike umdlalo onzima ekubeni bekuvele kunenselelo yokudlala enkundleni engeyinhle kahle.
“Sihalalisela izitha. Yilokho okubaluleke kakhulu esingakusho,” kwengeza uMokwena.
Lo mqeqeshi ubewulindele umdlalo onzima njengoba iMAS de Fes idlala amabhola amade iqembu lakhe ebelikuthola kunzima ukubhekana nawo.
Ubone ukuthi ukudlala ngesiwombe sesibili kube ngcono kodwa ubengagculisekile ngomphumela.
“Ngijabule ngendlela esisebenze ngayo, esidlale ngayo kodwa ngiphoxekile ngomphumela,” kuqhuba uMokwena.
UMokwena ukugcizelele ukuthi lo msebenzi weWydad yinto yesikhathi eside ngakho akabhekile kakhulu ukusheshe athole imiphumela.
Uveze ukuthi ububonile ubunzima iqembu elibhekane nalo kumasizini amabili edlule.
“Ubuhlungu babalandeli bungubuhlungu bethu,” usho kanje ekhombisa ukuzwelana nabalandeli.
Uveze isidingo sokubekezela nokuzibophezela kulolu hlelo abaluqalile.
“Yingakho sisayine inkontileka yeminyaka emithathu, akunjalo?”.
Ebheka phambili, uMokwena ukuqinisekisile ukuthi iWydad isakhona emakethe njengoba isafuna ukuqinisa lapha nalaphaya.
Ngemuva kokuhoxiswa kwesigwebo seFifa sokuvinjwa ukusayina abadlali, leli qembu selithungatha umgadli elizoqinisa ngaye.
“Sisamcinga umgadli, nakanjani,” kuphetha uMokwena. Leli qembu kuvela ukuthi lifuna ngabomvu uPercy Tau we-Al Ahly.
Lo mqeqeshi waseNingizimu Afrika uzimisele ngokwakha iqembu eliqinile futhi ashiye umlando omuhle kwiWydad.
Naphezu kokuqala ngebatha, uthe yena ubheke ikusasa njengoba akha iqembu elizobhubhisa kwasani.