Ubalekele ukwehliselwa iholo kwiRoyal AM
- Intatheli yeLISENETHINI
Sekunomunye umdlali oshiye iRoyal AM kanti kuvela izinsolo zokuthi ubehliselwa umholo, wenqaba.
Umdlali wasemuva uThato Lingwati kubikwa ukuthi usehlukene naleli qembu leBetway Premiership.
Kuthiwa iRoyal AM ibifuna uLingwati amukele ukwehliselwa umholo ngesikhathi evuselela inkontileka yakhe.
ULingwati ukunqabile lokho, okuholele ekutheni ashiye isigubhukane eqenjini.
“Usehlukane neRoyal AM. Bebefuna ukumehlisela iholo kodwa wanqaba base bemdedela,” kusho umthombo ucashunwe yi-Unplayable.
Kukholakala ukuthi iRoyal AM, ezinze eMgungundlovu, ibhekene nezinkinga zemali.
Lokhu kwengeza ezinkingeni kumqeqeshi uJohn Maduka osesele nabadlali abambalwa abanamava.
Iqembu livalwe yiFifa ukuthi lisayine abadlali abasha kanti lilahlekelwe abadlali abambalwa abanamava kulezi zinyanga ezimbalwa ezedlule.
Lesi sinqumo sisukela engxabanweni ngemihlomulo kaSamir Nurkovic owayengumgadli kuleli qembu.
Iphinde yathola esinye isigwebo ngenxa yokungaphathi kahle udaba lwenkokhelo yowayengumdlali wasemuva kuleli qembu uRicardo Nascimento.
Isimo kwiRoyal AM siya ngokuqhubeka siba nzima njengoba idonsa kanzima ukubhekana nezimfuno zeqembu.
Ukuhamba kukaLingwati kugqamisa izinkinga eziqhubekayo ngaphakathi eqenjini futhi kuveza ukukhathazeka ngekusasa leqembu.