URayners uphawula ngecala lakhe ‘lokumuhluza’ umlandeli
Umdlali omusha weMamelodi Sundowns, u-Iqraam Rayners, usephumele obala ngezinsolo zokushaya abhekene nazo.
Isishoshovu sezenhlalakahle u-Eon Hendrikse waseStellenbosch usole uRayners ngokumshaya ngengilazi kagologo obomvu ngesikhathi benengxabano endaweni yokucima ukoma.
Wavula icala lokushaywa emaphoyiseni kanti lizoqulwa ngesonto elizayo.
URayners, osanda kuthola imali eshisiwe esuka kwiStellenbosch FC eya kumaBrazilians, uzwakalise ukuphoxeka kwakhe.
“Ingiphoxile into eyenziwe yilo mfana, ngiyifake ezinkundleni zokuxhumana.
“Bekungalungile ngoba abantu bebecabanga lokhu nalokhu ngegama lami,” kusho yena kwiPodcast yeSundowns.
Lo mgadli, oneminyaka engu-28, uveze ukuthi udaba selusezandleni zenkantolo.
“Ngesonto elizayo, sizohlala momxazululi. Sizohlala etafuleni nommeli wami, abantu basenkantolo, naye lo mfana.
“Ngakho-ke ngesonto elizayo, sizoyixazulula inkinga, futhi konke kuzoba kuhle ngemuva kwalokho,” kwengeza uRayners.
Ngaphandle kwalezi zimanga zangaphandle kwenkundla, uRayners usezinzile eChloorkop.
Nakuba engakawudlali umdlalo osemthethweni kwiSundowns, uzizwa emukelwe kahle ozakwabo abasha.
“Usuku lwami lokuqala kwiSundowns lwaba luhle. Abadlali bakuthokozele ukungibona bangemukela ngezandla ezifudumele,” kusho yena.
URayners, owake wagijima kwiSuperSport United phambilini, akayena umafikizolo eGauteng. Ugqamise isimo esihle kwiSundowns.
“Kunabafana abahlekisayo eqenjini abahlale bekujabulisa njengoGrant Kekana, Teboho Mokoena noDenis Onyango.
“Yindawo enhle ngoba bonke abadlali bajabule nsuku zonke.
“Awusoze wazihudula ukuza ekuqeqesheni, ngakho-ke kimina, kuwumuzwa omuhle ukuba lapha.”
URayners uphinde abe seqenjini leBafana Bafana elizobhekana ne-Uganda neSouth Sudan kweyokuhlungela i-Africa Cup of Nations.
Lo mgadli unethemba lokuthi uzozibekela imigomo yezomthetho agxile emsebenzini wakhe kwiSundowns naseqenjini lesizwe.