UMokwena uqale ngebatha kwiWydad
Uwuqale kabi umsebenzi wakhe kwiWydady Casabkanca uRulani Mokwena ehlulwa ngo 1-0 yiMaghreb Fez emdlalweni wokuqala weMoroccan Botola Pro League.
Iqembu lasekhaya belinganqoba ngo 2-0, kodwa igoli labo lokuqala ngomzuzu wama-45 laphikwa.
Kodwa-ke, uHamza El Janati ulitholele iwini ngephenathi ngomzuzu ka-94, waqinisekisa ukuthi amaphuzu amathathu asala kwiMaghreb Fez.
Yize ihluliwe, iWydad ibiwuphethe umdlalo. Ngokwezibalo ibisebholeni isikhathi esingu-69%.
UCassius Mailula, owayengumgadli weMamelodi Sundowns, udlale okokuqala kwiWydad, engena esuka ebhentshini ngomzuzu ka-60.
UMailula ujoyine iWydad ngokubolekiswa esuka kwiToronto FC, kanti engahlala unomphela uma iWydad ifisa ukumthenga.
UMokwena unethemba lokuthi uzosiza lo mdlali oneminyaka engu-23 ukuthi aphinde athole ifomu yakhe.
U-Abdelmounaim Boutouil, omunye umdlali uMokwena amlande kwiSundowns, uyingxenye yohlelo lwakhe lokwakha iqembu eliqinile kwiWydad.
OLUNYE UDABA: IStellies ibuyise isithunzi selakuleli e-England
Yize ehluliwe, uMokwena kufanele ukuthi unethemba ngakubonile futhi usezokwazi ukuthi kumele alungise kuphi.