DStv Premiership

IPirates isemnyango wokuqopha umlando ngeMTN8

I-Orlando Pirates isisondele ekuqopheni umlando nasekuvikeleni isicoco sayo seMTN8 amahlandla amathathu kulandelana. 

Leli qembu laseSoweto likwazile ukungena kowamanqamu ngemuva kokuhlula iCape Town City ngo 2-0 emlenzeni wesibili weyandulela owamanqamu e-Orlando Stadium. 

Ngemizuzu yokuqala yomdlalo, iCape Town City ifake ingcindezi ifuna igoli elisheshayo ukuze ifake osokhaya ingcindezi. 

Nokho unozinti wePirates, uSipho Chaine, ubesefomini ephezulu, wayichitha yonke imizamo yayo. 

Njengoba umdlalo ubuqhubeka, iPirates ithole umfutho futhi yaqala ukuveza ukuthi ngeke yenziwe iminqolo yiCity.

Igoli lokuqala liqhamuke ngomzuzu ka-25. UTshegofatso Mabasa ushaye igoli lokuqala engqofela phakathi ibhola ebeligotshwe kuyikhona. 

Ngaphambi nje kwekhefu, uDeon Hotto ushaye elesibili ngebhola ebelibekwe phansi ngaphandle kancane kwebhokisi leCity. 

Lokhu kubeke u-Eric Tinkler nesikwati sakhe seCity endaweni enzima ngesikhathi sekhefu.

Ngesiwombe sesibili iCity iphushele phambili ngomfutho owengeziwe, inethemba lokuthi izobuyela emdlalweni. 

Kodwa lokhu kushiye izikhala emuva. UMabasa ucishe washaya igoli lakhe lesibili ngomzuzu ka-52, kodwa uDarren Keet wenqaba.

Womabili la maqembu athole amathuba okushaya amagoli ngesiwombe sesibili, kodwa awekho amagoli engeziwe angenile. 

Umdlalo uphele ngo 2-0, okuthumele iPirates kowamanqamu weMTN8 okwesithathu kulandelana.

Izobhekana neMamelodi Sundowns noma iStellenbosch FC kowamanqamu. 

Umlenze wesibili owandulela owamanqamu walamaqembu uzoba seMoses Mabhida Stadium ngeSonto.