UMahoota uxhilwa eyomjiko kaTito kwiBucs
- Sibongiseni GUMBI
Lowo owayengumgadli we-Orlando Pirates, uKaltego “Mahoota” Mashego usephawule ngomjiko wesihlabani samanje, uPatrick “Tito” Maswanganyi.
UMaswanganyi ushaye izitayela ezivamise ukuhlanyisa izihlwele bebhekene neCape Town City ngoLwesithathu ebusuku.
Uzamile ukuhlanyisa izihlwele ngekhono lakhe lokushaya izitayela kodwa aziphelanga kahle njengoba elahle amabhola, ewapha izitha.
Ngasekuqaleni kwesiwombe sesibili, wenze unjiko wakhe ehlehla ebuyela ngasepalini langakubo.
Cishe inhloso yakhe bekuwukudoba iCity ukuthi inyuke imlandebe bese ededela ibhola elide lokuhlasela.
Kodwa uthe eselikhipha ibhola, lavele layowela kumdlali weCity oqale umnyakazo wokuhlasela ngokuzumisa, kwacishe kwabhimba kwiBucs.
Lo mdlalo, obekungowomlenze wokuqala kweyandulela owamanqamu kwiMTN8, uphele zibambene ngo 1-1.
Owomlenze wesibili uzoba se-Orlando Stadium, eGoli ngoMgqibelo ntambama.
“Ngemuva kwakho konke lokho, udlulisele ibhola ezimbangini,” kuphawula uMashego ohlelweni iSports Nights Amplified no-Andile Ncube.
“Ngingumlandeli walokho (umjiko) … Kodwa kumele usize iqembu ngandlela thize.
“Uma kungenjalo, kimina kusho ukuthi akusizi. Lokhu akwenze izolo… ngiyaqonda ukuthi ubezama ukwenzani.
“Kodwa mhlawumbe ukhohliwe ukuthi ukuphi ngoba umdlalo ubusekuhambe yize iPirates inabalandeli yonke indawo.
“Wenze okufanayo nase-Orlando kwacishe kwaphetha kahle ngegoli (bebhekene neSuperSport United).
“Kodwa izolo bekungenjalo, angifuni ukuthi ngithi udlalise okomfana wesikole ngoba sikhuluma ngobhuti osekhulile lapha.
“Kodwa lokhuyana bekungenasidingo futhi kwagcina kuyinto engasho lutho,” kuchaza uMahoota.
Ngesikhathi ebuzwa ukuthi umjiko wokubukisa ngabe ulungile yini ebholeni elikhokhelwyo, uMashego ubambe wayeka.
“Akukaze kwaba yinto efanele… Mhlawumbe mina ngilibuka ngendlela engayiyo ibhola.
“Futhi mhlawumbe kungenxa yokuthi ngangingenalo ikhono lomjiko wokubukisa.
OLUNYE UDABA: IChiefs ichithwe yiStellies, yayothenga eyamchitha
“Kodwa ngizwa futhi ngikholwa ukuthi wonke umdlali osenkundleni kufanele abe nesikhathi esilinganiselwe ebholeni – hambisa ibhola, ibhola kufanele kube yilo eligijimayo.”