UKhama Billiat nembuyiselo enkulu ebholeni laseZim
Ukudayiswa kwejezi likaKhama Billiat kwephule amarekhodi eZimbabwe, njengoba kwenzele iYadah FC u-R2.1 million.
Le mali eyisimanga neqophe umlando eZimbabwe igqamisa ukuthandwa kukaKhama Billiat uma esenkundleni nangaphandle kwayo.
Ukusayinwa kukaKhama Billiat kwiYadah Stars, okwahlelwa ngumsunguli weqembu uWalter Magaya, kube yisinqumo esiphusile.
Imali engu-$20 000 yokusayinisa uBilliat, owake wagijima kwiKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns, isibuye iphindiwe.
Ukudayisa kwejezi kukodwa kwenze u-$120,000, olingana no-R2.1 million ngokwemali yakuleli.
Osomabhizinisi, abadayisi begolide abaphezulu, namalungu e-PHD Ministries phesheya baphuthuma ukuyothenga ijezi.
Lokhu kwenze ukusayinwa kukaBilliat kuleli qembu kube nenzuzo enkulu.
Kodwa-ke, okubaluleke kakhulu wukuthi uMagaya ukhethe ukuyisebenzisa kanjani le nzuzo.
Esikhundleni sokuyigcina imali, uMagaya wenze into encomekayo eyitshala ebholeni labesifazane.
Inkampani yakhe, iHeart Group, isebenzise le mali ukuxhasa iWomen’s Super League.
Iligi isiqanjwe kabusha ngokuthi yiHeart League, kulandela ukwetulwa kwesivumelwano soxhaso ekuqaleni kwale nyanga.
I-Women’s League ibineminyaka eyishumi ingenabo abaxhasi abafaka imali yokuyifukula.
Uxhaso seluphelele lubiza u-$320,000 (R5.6 million) futhi luzoqhubeka kuze kuphele isizini.
Isenzo sikaMagaya sokufuna ukusayinisa uBilliat asigcinanga ngokubuyisa isasasa kwiligi yaseZimbabwe kodwa sibe nomthelela omkhulu ebholeni labesifazane.
UMagaya utshele i-FARPost ukuthi ukusayinisa uBilliat kwakuvele kuyisu lakhe lokuzuza okukhulu.
“Kube kuhle ukweluleka ubuholi beqembu ukuthi basayine uBilliat,” kusho yena.
“Hhayi ukuthi asiwinise nje iligi kuphela, kodwa ngoba ngabona engasenzela okungaphezu kwalokho.”
UMagaya wayazi ukuthi ukuthengiswa kwejezi kuzohlangabezana nezindleko futhi ubonga osomabhizinisi abasekele lo mbono.
“Njengezinkampani zeHeart Group, sasebenzisa i-$120k etholakala ngokuthengiswa kwejezi futhi sanquma ukuyifaka yonke kuligi yabesifazane,” kusho uMagaya.
Lesi sinyathelo sesivuselele kabusha ikusasa lebhola labesifazane eZimbabwe futhi sanikeza nethuba elihle ezinganeni zamantombazane.