DStv Premiership

UBroos uveza okumchaze ngoMbatha wePirates

  • Sibongiseni GUMBI

UMbatha ufakwe okokuqala eqenjini likaBroos elizodlala imidlalo yokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon). 

Onyakeni nesigamu, uMbatha ubengaziwa njengoba ebedonsa kanzima ukuthola ijezi kwiSuperSport United. 

IPirates yabe seyimangaza abaningi iyomboleka, ithi ifuna abaqeqeshi bambonele eduze. 

Lokhu kube sengathi yithuba uMbatha ayezalelwe lona. UMbatha ulisebenzisile leli thuba, washeshe waba ngumdlali omqoka kwiPirates. 

Ukusebenza kwakhe ngokuzimisela kumtholele indawo eqenjini eliqala imidlalo ngaphansi kukaJose Riveiro. 

Ngesikhathi ememezela isikwati sakhe ngoLwesine, uBroos uncome lo mdlali odabuka eMlazi. 

“Sekuphele iminyaka embalwa sifuna umdlali ofana naye,” kusho uBroos. 

Ugqamise ikhono likaMbatha njengomdlali wasesiswini onakho konke akudingayo. 

“Ungumfana okwaziyo ukusiza ukubuyisa ibhola bese eliphasa kahle, avuselele umdlalo. 

“Uhlala ekhona, uvala kahle uma kumakwa, futhi ubude bakhe buyisibusiso esengeziwe,” kwengeza uBroos.

UBroos uhlabeke umxhwele ngendlela uMbatha adlale ngayo emidlalweni emithathu edlule yePirates. 

“Ubehlale ekhona ukuze aphathe ibhola, aqale iminyakazo yokuhlasela ngamaphasi amahle,” kuchaza lo mqeqeshi.

Iphini lakhe, uHelman Mkhalele, nguye owaqala ukuqaphela ikhono likaMbatha wabe esehlebela uBroos ngaye.

“UHelman wathi kimi, ‘uyamazi uMbatha, mhlawumbe kuzomele simbheke, mhlawumbe kuzoba yinto enhle kithina leyo’,” kuchaza uBroos.

Enelukuluku, uBroos ugxile emidlalweni yePirates futhi wagculiseka ngokushesha. 

Ukuvuka kukaMbatha ekubeni umdlali obelizwa ngendaba ijezi kwiSuperSport agcine esenconywa eqenjini lesizwe yinto ebuyisa ithemba nakwabanye. 

Manje, usenethuba lokuzibonakalisa ezingeni lamazwe ngamazwe, okungase kumhehele amehlo amaqembu aphesheya.