EzintshaKaizer Chiefs

Kugajwa ingane yenkakha kwiChiefs

  • Alfred NGUBANE

Lokhu sekwenze ukuthi le nkakha ifune ukuyikhipha indodana yayo kuleli qembu laseNaturena. 

ILisenethini isithole ngomthombo wayo ukuthi u-Aiden McCarthy, oyindodana kaFabian MaMcCarthy oyinkakha yeChiefs umisiwe ekuziqeqesheni neqembu elikhulu.

Umiswa nje u-Aiden ubengakaze aqale umdlalo osemthethweni selokhu anyuselwa eqenjini elikhulu kwiChiefs kumasizini amabili adlule.

UMthombo weLisenethini uthi ukumiswa kuka-Aiden kulandela ukungagculiseki kwethimba labaqeqeshi eliholwa nguNaraddine Nabi.

“Abaqeqeshi baveze ukuthi abagculisekile ngaye nokuthi akekho ezinhlelweni zabo,” kusho lo mthombo.

“Babe sebeyalela abaphathi ukuthi u-Aiden abuyiselwe eqenjini leDDC (DStv Diski Challenge) noma abolekiswe kule sizini.” 

Lokhu kuthiwa akwehlanga kahle kuFabian – okumanje usebenza njengomhlaziyi kwiSuperSport TV – wabe esenquma ukuthi izanyelwe ingxenye indodana yakhe.

“UFabian MacCarthy, onguyise ka-Aiden bathi usethathe isinqumo sokuthi ayishiye indodana yakhe kwiKaizer Chiefs. 

“Bekunemizamo yokuthi iye kwi-University of Pretoria kodwa ngathi bafike kabi leli qembu seliqedile ukusayina.

“Manje ngathi usezanyelwa kwiStellenbosh FC naMaZulu FC ngoba ukholwa wukuthi izoba nethuba elingcono kulamaqembu,” kuchaza umthombo. 

U-Aiden ukhulele enkulisa yeChiefs ngaphansi kwabaqeqeshi abahlukene okubalwa no-Arthur Zwane omkhuphulele eqenjini elikhulu.

Ubebanga ijezi no-Edmilson Dove, uGavin Msimango, uThatayaoene Ditlhokwe, uZitha Kwinika, no-Ignacio Miguel.

Kuzokhumbuleka ukuthi uNabi, ongumqeqeshi weChiefs, waphumela obala ngokuthi khona abadlali azocela kubolekiswe ngabo, abanye abachithe.

Sekuyacaca ke ukuthi no-Aiden uyingxenye yalabo badlali lo mqeqeshi angakholelwa neze kubo.