Ezintsha

IStellies ibuyise isithunzi selakuleli e-England

USandile Luthuli oyisikhulu esiphezulu kwaMultiChoice uthi iqembu leStellenbosh FC labafana abaneminyaka engaphansi kuka-19 libuyise isithunzi sebhola lakuleli e-England.

Leli qembu leStellies linqobe i-English Premier League Gen Cup, ishaya amaqembu akhona anjengoTottenham Hotspur, Aston Villa, neCrystal Palace.

ULuthuli uthi iStellies sishiye abantu bengawuvali umlomo e-England.

“Abaphathi bamaqembu ase-England baqale basho ngazwilinye ukuthi ibhola lisekhona kuleli,” kusho uLuthuli.

Amaqembu ase-England bese ekhohliwe yimakethe yakuleli ngenxa yezinga eliphansi. 

Kumanje munye umdlali wakuleli odlala kwi-English Premier League okunguLyle Foster okhonjwa kwi-Ipswich Town engomakoti kule ligi.

Ngaphambilini, amaqembu ase-England ahlomula emakethe kuleli ngabadlali abanjengoLucas “Rhoo” Radebe, Phil Masinga beLeeds United, Aaron Mokoena  Rovers, noBenni McCarthy ababekuBlackburn Rovers.

Kukhona noStephen Piernaar oyinkakha ye-Everton, uQuantin Fortune owayekwiManchester United, uKagisho Dikgacoi owayekwiCrystal Palace no-Andre Arendse owayevimba kwiFulham. 

Khonamanjalo izoqala imidlalo yeDStv Diski Challenge iyaqala kule mpelasonto ezinkundleni ezahlukene. 

Amaqembu aKwaZulu-Natal azodlala namaqembu aseGauteng emidlalaweni yawo yokuqala.

AmaZulu FC azotholana phezulu ne-Orlando Pirates, iGolden Arrows izodlala neKaizer Chiefs, iRichard Bay FC yona idlale neMamelodi Sundowns bese iRoyal AM ivovane inkani neTS Galaxy.

Yonke le midlalo izoba seKing Zwelithini Stadium ngoMgqibelo – owokuqala ungo-10 ekuseni. 

Eminye izoqedelwa ngeSonto kuyo le nkundla efanayo. Kunxuswe abalandeli ukuthi bayozitika ngaleli dili lemidlalo.