‘Sesobona e-Orlando’ – Riveiro wePirates
- Sibongiseni GUMBI
UJose Riveiro uthembisa ukuthi i-Orlando Pirates izokwenza kangcono ngoMgqibelo.
IPirates izobhekana neCape Town City e-Orlando Stadium kulandela ukudlala ngokulingana eKapa.
Emdlalweni womlenze wokuqala kweyandulela owamanqamu kwiMTN8, iPirates ayizange idlale ngendlela egculisayo.
Lo mdlalo obuseKapa, udlalwa ngaphansi kwezimo ezingezinhle zezulu, uphele zibambene ngo 1-1.
URiveiro uyazi ukuthi iqembu lakhe kumele lenze kangcono kakhulu uma selisekhaya.
“Iqembu ngalinye libe nesiwombe salo kulo mdlalo,” kusho uRiveiro ngemuva komdlalo.
Uvumile ukuthi isiwombe sokuqala besiphethwe yiPirates, kodwa nakhona ayizange yenze ngendlela abeyilindele.
Amathuba eCape Town City aqhamuke emaphutheni ePirates. Futhi kube yimisebenzi kanozinti uSipho Chaine evimbe ezika-Eric Tinkler ukuthi zingabi namagoli amaningi.
Ngesiwombe sesibili iPirates ibisilandela ngemuva, ihluleka ukuhlanganisa iminyakazo ephusile.
Ibisivale kakhulu emuva kodwa igcine igqobhokile, iCity yalithola igoli eliyibuyisele emdlalweni.
Ngemuva kwalokho, iPirates ibe namathuba ambalwa okuthola amagoli. Kodwa umdlalo uphele zibambene.
URiveiro usanethemba ngomlenze wesibili. “Ngicabanga ukuthi kuzoba kuhle kunalokhu ngoMgqibelo,” kusho lo mqeqeshi.
Igoli lasekuhambeni libeka iPirates ethubeni elingcono. Kodwa-ke, iyazi ukuthi kuzomele izibambe ziqine e-Orlando.
Umlenze wesibili yiwo ozocacisa elizodlulela kowamanqamu. IPirates izodinga ukusebenzisa ukuba ngosokhaya.
Umdlalo uzoqala ngo-3 ntamba ngoMgqibelo ka-Agasti 31 e-Orlando.
Abalandeli bamagange ukubona ukuthi iqembu likaRiveiro lizophendula kanjani.
OLUNYE UDABA: UMngqithi akakhathazekile, ‘iDowns beyiyidinga induku’
Inkulu ingcindezi yokuthi iPirates idlale kangcono kulokhu.