DStv PremiershipEzintsha

Uncoma ukuvuleka kwamasango akuma-Arab uNomvete

  • Alfred NGUBANE

Exoxa neLisenethini muva nje, uNomvete uthi abadlali beBetway Premiership abafudukela emazweni ama-Arab badonswa yimali.

“Amaqemu akhona akhokha kancono kunamaqembu adlala kwiBetway Premiership,” kusho iNomvete.

“Ngaphezu kwalokho, neqembu lesizwe iBafana Bafana lizozuza ngalaba badlali ngoba badlalela amaqembu  amakhulu emazweni.

“Sikhuluma ngamaqembu adlala kwiCaf Champions League neCaf Confederation Cup njalo lapha.” 

Uthe njengoba ibhola liwumsbenzi osheshe uphele, kufanele abadlali bagaye imali eningi uma isimo sisavuma. 

Okwamanje amasango okuya phesheya abukeka evalekile, kodwa ukuvuleka kwawasenhla ne-Afrika yinto enhle, ngokusho kwale nkakha. 

Isibalo sabadlali bakuleli asebesayinne emaqenjini aseMorocco, Tunisia nase-Algeria baya ngokukhula.

U-Elias Mokwana usayine kwi-Esperance yaseTunisia, uKhanyisa Mayo waya kwiCR Belouzdad yase-Algreria kanti uCassius Mailula yena ukwiWydad Atheltic yaseMorocco.

UNomvete uqale ukuvelela ebholeni esengumfundi wamabanga aphezulu.

Wamela iqembu lesizwe labadlali abaneminyaka engu-23 esengumfundi waseSibonelo High School ngaphambi kokuthi asayine kwi-African Wanderers. 

Wabe esedlulela kwiKaizer Chiefs, wagcina engene kwiBafana Bafana okwamvulela amasango okuya phesheya la edlale khona emaqenjini amaningi.