UBibo ubabaza utshwala kubadlali bePSL
- Intatheli yeLISENETHINI
UThandani Ntshumayelo, owayengumdlali we-Orlando Pirates, ukholwa ukuthi abadlali abaningi bePremier Soccer League badonsa kanzima ngenxa yotshwala.
Usenxuse amakilabhu ukuthi aqashe ongoti bezengqondo ukuze baxazulule izinkinga ezithinta ingqondo ezibhekene nabadlali.
Umbono kaNtshumayelo usukela kwisipiliyoni sakhe sokusebenzisa kabi izidakamizwa, okwaphazamisa ibhola lakhe.
Ngo-2016, wamiswa iminyaka emine futhi waxoshwa yiPirates ngemuva kokutholakala ukuthi usebenzisa i-cocaine.
Yize isigwebo sakhe sehliswa futhi saphela ngo-2018, uhlulekile ukuvuselela umsebenzi wakhe.
Wadlala isikhashana kwiBaroka FC neMoroka Swallows ngaphambi kokuthatha umhlalaphansi ngo-2023.
“Abadlali benza ngamandla kodwa abaningi baphuza kakhulu ikakhulukazi uma bengadlali,” kusho uNtshumayelo kwiPhakaaathi.
Ugcizelele ukuthi ingcindezi yebhola ehambisana nezinselelo abadlali abasuke bebhekene nazo ngaphandle kwenkundla ivamise ukubaholela ezintweni ezingafanele.
“Abantu bacabanga ukuthi abadlali emaqenjini amakhulu njengePirates noma iSundowns bavikelekile ngokwemali.
“Kodwa abakwazi ukulawula kahle izimpilo zabo ngaso sonke isikhathi.”
UNtshumayelo uphinde wagqamisa ukungatshalwa kwemali kwezempilo zabadlali bebhola baseNingizimu Afrika.
“Iningi labadlali bebhola alikunaki lokho okubaphilisayo. Kumele bawuguqule lowo mqondo,” kuchaza yena.
Njengoba eseneminyaka engu-34, uNtshumayelo uzibophezele ekusizeni abadlali abancane bagweme izihibe ahlangabezane nazo.
“Ngiyakhona ukuthi ngikhulume nanoma yimuphi umdlali,” kuqhuba yena.
“Angifuni ukuthi okwenzeke kimi kwenzeke nakwabanye.”
UNtshumayelo usevele uxhumene nabadlali abaningi, ebanikeza umhlahlandlela futhi ebacebisa ngalokho agaxele kukho yena.
Ugcizelele ukubaluleka kokuziphendulela ngesenzo somuntu, ephawula umthelela izinqumo ezingaphusile ezingaba nawo kwabasondelene nabo.
UNtshumayelo uphinde wanxusa amakilabhu ukuthi abambe iqhaza elibonakalayo ekwesekeni abadlali ngokomqondo.
“Abadlali bebhola babhekana nokuningi, namakilabhu adinga ukwethula ukuletha ongoti bezengqondo.”
Ecabanga ngemizabalazo yakhe ngemva kokumiswa kwkahe ebholeni elikhokhelayo, uveze ukubaluleka kokugxila emndenini athi kwamsiza kakhulu.
Manje usezinze eFree State, kanti uNtshumayelo usebheke ngabomvu ikusasa lakhe kwezokuqeqesha.
“Ukumiswa kwami sekuyinto eyadlula kudala. Kudingeka ngithembeke kimina.
OLUNYE UDABA: ISafa ibona isihlabani seBafana kumfanyana ona-14
“Angiseyena umdlali webhola, kodwa ngikulungele ukuqhubekela phambili nomqondo omusha.”