AmaZuluEzintsha

Usuthu luveza izizathu zokuhoxa kwiLegacy Cup

  • Alfred NGUBANE

Lo mqhudelwano waminyaka yonke wendebe yokulungiselela isizini uhlanganisa amaqembu amane kanti uzodlalwa ngesikhathi sekhefu leFifa ngoSepthemba 7. 

ILisenethini ibike lolu daba ngoLwesibili emini, ukuthi Usuthu luzonqaba ukudlala kulo mqhudelwano nonyaka. 

Umthombo udalule ukuthi isizathu sabo wukuthi abaqeqeshi abeneme ngokudlala kulo mqhudelwano njengoba sekusele kancane kuqale imidlalo yeBetway Premiership. 

Abanye babike ukuthi Usuthu lucasulwe wukuthi abahleli bomqhudelwano baqale bathinta iChiefs, yanqaba base bekhalela kuMaZulu. 

Kodwa manje leli qembu laseThekwini selubeke izizathu zalo esitatimendeni esithunyelelwe iLisenethini ngoLwesibili ntambama. 

“1. Iqembu liyayeseka iPrince Mangosuthu Legacy Cup,” kubhala AmaZulu.

“2. Ngeshwa, ngenxa yomdlalo wethu wokuqala ohlelelwe uSepthemba 14, ePolokwane nezimo ezimbi zenkundla (iqembu lalinyalelwa abadlali ngesikhathi sigcina ukudlala kuyo) oLundi, ikilabhu isicele ukuhoxa.

“3. Besivulelekile ukudlala uma inkundla bekuzoba yiPrincess Magogo noma iKing Zwelithini Stadium. 

“4. Kungalezi zizathu ikilabhu ithathe isinqumo sokungazibandakanyi kulo mqhudelwano walo nyaka. Sizobuya ngonyaka ozayo.”

Akukacaci ukuthi yiliphi iqembu elizongena esikhaleni soSuthu. Njengamanje amaqembu akhona yiRoyal AM, Richards Bay neNsingizini Hotspur yaseSwatini.