DStv Premiership

Ezingezinhle ngomdlalo weCity nePirates

  • Intatheli yeLISENETHINI

Umdlalo, obuhlelelwe ukuba namuhla ngoLwesibili, ngo-7 ebusuku, ubuzoba senkundleni yezemidlalo i-DHL Cape Town Stadium. 

Kodwa-ke, ngokubika kwe-FARPost, imvula enamandla eqhubekayo, nomoya onamandla kuleli dolobhakazi sekuphoqe ukuthi kuhlehliswe. 

Umdlalo manje kulindeleke ukuthi ube ngoLwesithathu ngo6 ntambama.

I-PSL isikuqinisekisile ukuhlehla kwalo mdlalo.

“Umlenze wokuqala womdlalo owandulela owamanqamu weMTN8 phakathi kweCape Town City ne-Orlando Pirates, obehlelelwe namuhla kusihlwa e-DHL Stadium, uhlehliselwe uLwesithathu

“Lokhu kungenxa yesimo sezulu esibi eWestern Cape,” kubhala iPSL esitatimendeni.

“Isinqumo sokuhlehlisa umdlalo sithathwe kulandela iseluleko seziphathimandla zeDolobha laseKapa nabaphathi benkundla.

“Babike ukuthi umoya ovunguzayo ube nesivinini esilinganiselwa ku-67 km/h. 

“Isimo sezulu esingesihle siholele ekuweni kwezakhiwo, kuvalwe imigwaqo ngenxa yokuwa kwezihlahla, kwaphazamiseka nezakhiwo zenkundla.

“Amathikithi athengiwe omdlalo wanamuhla azosebenza emdlalweni ohlelwe kabusha.

Imibiko yesimo sezulu ikhomba ukuthi izimvula nomoya kuzoqhubeka eKapa usuku lonke lwangoLwesibili.

Lokhu kuzokwenza kungaphephi ukuqhubeka nomdlalo njengoba bekuhleliwe ekuqaleni.

Uma kuvela eminye imininingwane ngalolu daba, iLisenethini izolwethula.