Uzothembela kubafana abancane uBarker ‘ochuthwayo’
- Alfred NGUBANE
Kumenza aziqhenye uSteve Barker ukuthi usephenduke umshini okhiqiza abadlali abahalelwa nangamaqembu amakhulu.
UBarker usekhiphe abadlali abanohlonzo abanjengoDeono Van Rooyen, Ox Mthethwa, Iqraam Rayners, Andile Jali, Mthokozisi Yende, no-Ashley Du Preez ukubala nje abambalwa.
IStellensbosch FC, aqeqesha kuyo njengamanje, isiphenduke isitolo njengoba amaqembu amaningi efuna abadlali bayo.
Kumanje kunombiko othi isivumile ukudedela u-Antnio Van Wyk ofunwa yiqembu laphesheya kwezilwandle.
Lo mdlali ubekhona nasohliwni lwabafunwa yiKaizer Chiefs kodwa sekuvele iqembu lase-Austria, labela imali enhle etafuleni.
Yize belokhu behamba abadlali bakhe – kusangenzeka kuphinde kuhambe abanye ababili – uBarker uthi unabo abanye abancane abazovala izikhala.
UBarker unethemba elikhulu lokuthi abadlali bakhe abasebancane bazomenzela umsebenzi omuhle uma sebebheke neMamelodi Sundowns.
Kuvela ukuthi bobabili oFawaaz Basadien no-Ismael Toure sebefake izicelo zokuthi badayiswe kuleli qembu.
UBasadien ufuna ukuya kwiChiefs esike yavela kwiStellies ngalo mdlali kodwa yachithwa.
UToure yena ufuna ukuya kwi-Orlando Pirates okuthiwa nayo ike yazama ukumfuna kodwa iStellies yacela ukuthi ike ime okwamanje.
EzikaBarker, iStellenbosch FC, zizogadulisana neSundowns emdlalweni womlenze wokuqala kweyandulela owamanqamu kwiMTN8.
OLUNYE UDABA: URamoreboli akayisabi, uyayihlonipha iPirates
Lo mqeqeshi onqobe indebe yakhe yokuqala ngesizini edlule, uthi ubahlomise ngolwazi olwanele abadlali bakhe.