Caf Champions LeagueEzintsha

URamoreboli akayisabi, uyayihlonipha iPirates

  • Sibongiseni GUMBI

URamoreboli ukwazile ukuqhamuka namaqhinga okugingqa lezi zinkunzi zaseSoweto ngesizini edlule, futhi uyayazi inselelo ezayo.

“Kungomunye umdlalo onzima esisazobhekana nawo. Akumele sijabule ngokweqile,” kusho uRamoreboli. 

Uyakwazi ukuthi iPirates iyiqembu elikhulu kodwa ugcizelela ukuthi iGalaxy izoya kulo mdlalo ngenhlonipho njengangokudlule. 

“Akukho okuningi esingakusho nge-Orlando Pirates; kuyaziwa ukuthi iyiqembu elikhulu kunathi. 

“Sizobahlonipha ngendlela efanayo nesibahloniphe ngayo emidlalweni edlule. 

“Ngakho siyazi ukuthi kusazoba wumdlalo onzima kithina njengeqembu,” kwengeza lo mqeqeshi osemncane.

URamoreboli uphinde wancoma indlela iPirates esanda kudlala ngayo ibhekene neDisciples FC, wathi kukhombisa izinhloso zayo ezinqala kulo mqhudelwano. 

IPirates ibhuquzise leli qembu laseMadagascar ngo 4-0 e-Orlando Stadium ngoLwesihlanu. 

URamoreboli uveze ukuthi iqembu lakhe ligqugquzelwa yiqhawe laseBotswana, uLesile Tebogo.

Le nsizwa iqophe umlando iba ngumsubathi wokuqala waseBotswana ukunqoba indondo yegolide kuma-Olympics abeseFrance. 

“ULetsile Tebogo usenze saqonda ukuthi ingane yomuntu omnyama kumele iqale ikholwe ukuze iwine yonke into. 

“Uwine indondo yegolide kuma-Olympics futhi waba ngowokuqala ukwenza lokho,” kusho uRamoreboli.

Ugcizelele ukuthi ukuphumelela kukaTebogo kuwumthombo wethemba nokholo kwiGalaxy. 

“Indaba kaLesile isinika ithemba lokuthi kumele sizithembe ngoba siyiqembu elihle. 

“Laba badlali bayakwazi ukulwa,” kuphetha lo mqeqeshi.

Umdlalo olandelayo weGalaxy nePirates uzokuba yimpi enzima kuwo womabili lamaqembu.