‘Indlala’ yedabhi yaseSoweto ekhonjwa kunyaka ozayo
- Sibongiseni GUMBI
Kuqinisekisiwe ukuthi i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs bazodlala kabili kule sizini kodwa abalandeli bazolinda kuze kube unyaka ozayo ukubona lo mdlalo.
Lo mdlalo uhlezi ubhekwe ngabomvu futhi uheha izinkumbi zabalandeli abayigcwalisa phama iFNB Stadium.
Kodwa ke njengoba iligi ithole abaxhasi abasha, sekuyiBetway Premiership, ukuqala kweligi kubambezeleke ngenyanga.
Imidlalo yokuqala yeligi ihlelelwe ukuba maphakathi noSepthemba.
IPirates yona isiyiqalile isizini njengoba seyidlale imiqhudelwano yezindebe ezimbili.
Ngakolunye uhlangothi, iChiefs izodlala umdlalo wayo wokuqala osemthethweni ngoSepthemba 14 lapho izobhekana khona noMarumo Gallants.
Njengoba eqede endaweni ka-10 kwiligi ngesizini edlule, Amakhosi awazange angene kwiMTN8.
Ukuchomelana kubalandeli balamaqembu sekuvele kuqalile, kanti kuzoshuba kakhulu uma sekuqale iligi.
Kodwa kuvela ukuthi ayoze avovane inkani ngoFebhuwari 1, aphindane ngoMeyi 3 kweyeligi.
Nokho kusangenzeka atholane emdlalweni weCarling Knockout uma kwenzeka eqhathwa ndawonye.
IPirates ishaye kabili iChiefs ngesizini edlule, kanti kusobala ukuthi ukuziphindiselela yinto ezobe ibhekiwe kwiChiefs.
OLUNYE UDABA: Akuphelile ngephupho lokuya phesheya – Mokoena
Amakhosi ayiqembu elihlukile kule sizini njengoba eseqeqeshwa uNasreddine Nabi waseTunisia.