EzintshaKaizer Chiefs

OweStellies uzolwa ukugcina ofuna ukuya kwiChiefs

  • Intatheli yeLISENETHINI

Ngasekuqaleni kwaleli sonto kuvele imibiko yokuthi uBasadien ucele ukukhulwa ukuze ijoyine lezi zinkunzi zaseSoweto. 

Imenenja yakhe ikuqinisekisile kwiSABC Sport ukuthi isifiso salo mdlali wukufudukela eNaturena.

Nokho, isikhulu esiphezulu seStellenbosch FC uRob Benadie akaguquki ekutheni bafuna ukumgcina lo mdlali wasemuva oneminyaka engu-27.

Utshele iSABC Sport ukuthi uBasadien usanda kusayina inkontileka entsha ngoFebhuwari.

“UFawaaz ungumdlali osezingeni eliphezulu nohlonipha umsebenzi wakhe,” kusho uBenadie. 

“Yebo, sikhona isicelo esivela kwiKaizer Chiefs, kodwa sisanda kwenza ngcono inkontileka yakhe, futhi usenenkontileka neStellenbosch FC.”

UBenadie ugcizelele ukubaluleka kukaBasadien eqenjini labo. 

“Sifuna ukumgcina. Ungumdlali omangalisayo. Asifuni ukubuyela emuva ngesikwati sethu. 

“Sifuna ukuqhubeka nokwenza kahle njengoba senzile ngesizini edlule.”

Iwindi lokudayiselana ngabadlali kwiPSL lisaqhubeka, kanti livalwa ngoSepthemba. UBenadie ubuvumile ubunzima bewindi elide lokuhwebelana ngabadlali, ikakhulukazi njengoba amakilabhu amakhulu ekhombisa intshisekelo ngabadlali bakhe.

“Akungiphathi kahle ukuba newindi elide kangaka,” kuphawula uBenadie. 

“Maningi amakilabhu abhekene nezinselelo ezifanayo. 

“Sidlala imidlalo, kuyasiza, kodwa futhi kunikeza amanye amakilabhu amathuba amaningi okubona abadlali bethu.”

Yize kunengcindezi, uBenadie usazimisele ngokugcina iBasadien. 

“Asifuni ukulahlekelwa uFawaaz, sizokwenza konke okusemandleni ukuthi ahlale lapha futhi simgcine ejabule,” kuphetha yena.