EzintshaOrlando Pirates

UMaswanganyi uchaza ngokunikwa ‘iShumi’ kwiPirates

  • Sibongiseni GUMBI

Le nombolo ayisetshenziswa kwiPirates emidlalweni yakuleli njengoba yayekwa ukuhlonipha inkakha yeqembu uJomo Sono.

UMaswanganyi useke wayigqoka le nombolo enomlando ngesikhathi bedlala ngokulingana neqembu laseMadagascar iDisciples FC ngempelasonto edlule. 

Kodwa lo mdlali, oongaconsi kulalandeli baleli qembu, uzoyigqoka okokuqala e-Orlando Stadium phambi kwabalandeli bePirates.

Lokhu kuzokwenzeka ngesikhathi iPirates ibhekene neDisciples emdlalweni womlenze wesibili ngoLwesihlanu ngo-7.30 ebusuku. 

I-Orlando Stadium, iyikomkhulu lebhola laseNingizimu Afrika, lapho izingqalabutho ezifana noChippa Moloi noJomo Sono zaqopha umlando zigqoka unombolo-10. 

UMaswanganyi, oneminyaka engu-26, uyakuqonda ukubaluleka kwale nombolo yejezi. 

“Kungukuhlonipheka ukugqoka le nombolo. Akulona nje iphupho lubungane kodwa kumuzwa wokuzibophezela,” usho kanje kwabe-Orlandopiratesfc.com.

Ijezi elingunombolo-10 linomlando ocebile ebholeni. Ligqokwe ngabanye babadlali abakhulu kakhulu kulo mdlalo. 

Manje, uMaswanganyi uthatha isibopho sokuqhubekisela phambili lelo siko.

“Bengilokhu ngilithanda ijezi elingunombolo-10 kusukela ngisemncane,” kusho uMaswanganyi. 

Ube esexoxa okwenzeka esemncane okwamxhumanisa nale nombolo. 

“Ijezi lokuqala lebhola engaba nalo kwakuyijezi leReal Madrid ubaba angithengela lona. 

“Lalinegama likaFigo ngemuva. Nomaphi lapho engangihamba khona abantu babengibiza ngokuthi ‘Figo’. 

“Ngiseyingane, lokho kunakwa kwakungenza ngimamatheke.”

KuMaswanganyi, inombolo-10 ingaphezu nje kwenombolo – iwuphawu lothando lwakhe lwebhola.

Liphinde libe yisikhumbuzo sohambo lwakhe kusuka emaphusheni asebuntwaneni kuya ebholeni elikhokhelayo.