DStv PremiershipEzintsha

UHunt akayizwa eyokudlala isitayela esisodwa 

  • Intatheli yeLISENETHINI

Lo mdlali oneminyaka engu-60 uthanda ukuthi abadlali basemuva noma unozinti balikhabe balise phambili ibhola. 

Ekhuluma kwi-The All Rounders SA, lo mqeqeshi waMatsatsantsa uthe abanye abaqeqeshi badlala uhlobo oluthile lwebhola ngoba lisemfashinini.

“Kuyinto yemfashini futhi uma bebona abantu bakha besuka emuva, bese bethi, ‘O, kufanele sidlale ngale ndlela nathi manje’. 

“Kuwumbhedo nje. Okokuqala, unabo yini abadlali abafanele lolo hlobo lwebhola? 

“Uma kunjalo, kungani ungawini iligi? Uma ukholelwa ukuthi leyo yindlela yakho kulungile, kodwa ungabasoli abanye uma bengayilandeli.” 

UHunt uchazile ukuthi isizathu esenza iqembu lakhe lidlale isitayela esithile kungenxa yabadlali anabo.

“Amafilosofi athuthukiswa yizinga labadlali obatholile. Ngingafika eqenjini ngithi, ‘Sizodlala kanje’. 

“Abanye abantu bathi, ‘uGavin Hunt udlala isitayela’, kodwa ngidlala isitayela ngenxa yabadlali enginabo.

“Sidlala ngendlela yokuthi siwine ekuhambeni, futhi singahlulwa imidlalo eminingi, futhi lokho kuyasiphumelelisa. 

“Ngingahamba ngithenge abadlali futhi nginqobe iligi ngamaphuzu angu-20, akunankinga… kodwa ngeke ngikwazi.

“Kwesinye isikhathi umdlali awumtholi ngoba ubiza u-R10 million bese uthola omunye nomholo ophansi, kusetshenzwa kanjalo,” kusho uGavin Hunt.

“Kubizwa ngokuthi wukulawula iqembu ngokwezokuqeqesha. Lapho ungakwazi ukuhlanganisa okuthile. 

“Kumele ubheke umdlali ubone ukuthi angakwenzela yini umsebenzi ngoba umthole kalula futhi ubungamtholi lo obumfuna,” kuphetha uHunt.