UVilakazi ‘uzogcwalisela’ abebemgxeka ngesizini ezayo
- SIbongiseni GUMBI
Isihlabani seKaizer Chiefs esisakhula, uMfundo Vilakazi, kudingeke ukuthi sivale izinkundla zokuxhumana ngemuva kokugxekwa kwakamuva.
UVilakazi wabhekana nplaka lwabalandeli ngemuva kokubukisa kwakhe emdlalweni owandulela isizini yeToyota Cup neYoung Africans ngenyanga edlule.
Lo mdlali oneminyaka engu-19 ubudala wavele wazishayela izitayela ngesikhathi iqembu lilandela ngeuva ngo 2-0 esiwombeni sokuqala.
Yize izinkumbi zabantu enkundleni zakujabulela lokhu, kodwa uVilakazi ugxekwe kabuhlungu ikakhulukazi ngu-Aziz Ki weYanga.
Eseqenjini lesizwe labaneminyaka engaphansi kuka-20 eMalawi, uVilakazi ukhulume ne-iDiski Times, ngalokhu.
Uvumile ukuthi kwadingeka akhiphe i-Instagram kumakhalekhukhwini wakhe ngenxa yemiyalezo engemihle ayeyithola.
“Ngibone ezinkundleni zokuxhumana abantu bengigxeka. Angicabangi ukuthi kungikhathazile lokho,” kusho lo mfanyana.
“Kodwa ngiphume kuzo zonke izinkundla zokuxhumana ngoba abantu bebengithumelela imiyalezo ku-Instagram bethi angifanele ukudlalela iKaizer Chiefs.”
UVilakazi uchaze ukuthi ukugxekwa njalo kuholele ekutheni athathe ikhefu ezinkundleni zokuxhumana amasonto amabili.
Kodwa-ke, lo mdlali ubonakala ezimisele kakhulu kunangaphambili ukugcwalisela labo abamsolayo.
“Iligi izoqala kabusha emasontweni ambalwa, futhi ngizoshaya amagoli,” esho ngokuzethemba.
“Bona laba bantu abebengigxeka yibo abazobe sebethi uMfundo ufanelwe wukudlalela iBarcelona noma okunye okufana nalokho.”
Yize egxekwe kanzima kodwa uVilakazi usagxilile ekuzithuthukiseni njengomdlali.
Uthi vele abantu bayohlale benento abangayisho, kungakhathalekile ukuthi wenza kahle noma kabi.
Uphinde waveza ukuthi umqeqeshi omusha weChiefs, uNasreddine Nabi, uke wakhuluma naye mayelana nokushaya kwakhe izitayela zomjiko.
OLUNYE UDABA: Usizi lweSwallows lucishe lwamyekisa ibhola uJali
Le ngxoxo yakhe noNabi kungenzeka inikeze uVilakazi umhlahlandlela abewudinga njengoba elungiselela isizini entsha.