DStv PremiershipEzintsha

Usizi lweSwallows lucishe lwamyekisa ibhola uJali

  • Sibongiseni GUMBI

UJali ujoyine iSwallows ngesizini edlule kunesasasa elikhulu futhi wafike wenza kahle. 

Nokho, isimo sashintsha kakhulu ngesikhathi iqembu libhekena nenkinga yemali futhi lehluleka ukukhokhela abadlali amaholo abo aphelele.

Ukungakhokhelwa kwamaholo kwaholela esitelekeni sabadlali sangoDisemba, esaphetha ngokuthi kuxoshwe abadlali abangaphezu kuka-20. 

Ekuqaleni uJali ubengekho kulabo badlali abadedelwa kodwa naye wabuye waxoshwa. 

Indlela okwenzeka ngayo kwamshiya ephoxeke kakhulu, futhi wacabanga ukushiya ibhola ukuze athole ukuphumula. 

“Ukukhuluma iqiniso nje, bengingafuni ukuthatha umhlalaphansi kodwa bekukuningi obekwenzeka,” kusho uJali exoxa neSABC Sport. 

UJali usejoyine iChippa lapho enethemba lokuthi uzophathwa kangcono futhi uhlose ukuhlala aze awagaxe emgibeni amakhokho akhe. 

“Ngesikhathi iChippa iqhamuka, ngacabanga ukuthi angibuyele ekhaya ngiyothatha umhlalaphansi endaweni ekahle. 

“UMike Makaab, imenenja 0yami, nguyena obekhuluma nawo wonke la maqembu. 

“Mina bengingasenandaba nebhola. Angizange ngimbuze nokuthi yimaphi amaqembu afuna ukungisayinisa ngoba bese ngiphumile ebholeni.”

UJali uvumile ukuthi inhlalo ayithole kwiSwallows ishabalalise uthando lwakhe ngalo mdlalo, kwamenza wafuna ukulishiya phansi ibhola.

“Uyazi uma kuphela inyanga bese ungaholi kube kunezidingo kuba yinkinga,” kuchaza yena. 

“Uma usebenza usuke ungazisebenzeli wena wedwa, kodwa kunabanye abantu osuke ubasiza ngaleyo mali.

“Manje uma ungasakwazi ukukwenza lokho, kuzwela kakhulu kubona okudlula kuwe.”