DStv PremiershipEzintsha

Akucaci ngesifiso sikaNwabali ‘ongasathandi’ ukuba kwiPSL

  • Intatheli yeLISENETHINI

Lo mdlali oneminyaka engu-28 ubudala ube nesizini encomekayo engangenelwa amagoli emidlalweni engu-11. 

Uphinde wabuyela eqenjini lesizwe laseNigeria wafike wadla ijezi, wayisiza ukuthi ifinyelele kowamanqamu kwi-Africa Cup of Nations e-Ivory Coast ngoJanuwari.

UNwabali, olinganiselwa ukuthi ubiza u-€1.5 million (R35 million), uzwakalise isifiso sakhe sokufuna inselelo enkulu ngoJuni. 

“Iwindi lokudayiselana ngabadlali lizovulwa maduze, kodwa kimina, ngifisa ukuthatha igxathu eliya phambili. 

“Angazi noma kuzoba yiseNingizimu Afrika noma e-Europe,” kusho uNwabali kwiSiyaGijanaSports. 

“Ngidlale kahle eqenjini lami kule sizini, futhi nabaphathi balo bayafisa ukuthi ngiyodlala eqenjini elikhulu.”

Kuke kwaba nentshisekelo ebibikwa ukuthi ikhona kwi-Orlando Pirates neKaizer Chiefs ngalo nozinti.

Kodwa kugcine kuphelele ezeni konke lokho. IChiefs isayine uFiacri Ntwari obekwiTS Galaxy. 

IPirates yona yenyuse abafana abasebancane yabafaka eqenini elikhulu. 

UNwabali kule kwavela ukuthi neqembu eligijima ku-English Championship, iQueens Park Rangers liyamhalela. 

Muva nje, uNwabali uphinde wamataniswa neqembu leSaudi Pro League, i-Al Ettifaq.

Kodwa-ke, njengoba sekubalwa izinsuku ngaphambi kokuthi kuqale isizini yePSL ka-2024/25, akukho okubambekayo okukhona. 

Lokhu kusho ukuthi uNwabali kungase kudingeke ukuthi ahlale kwiChippa United okwamanje. 

Nokhio isimo sisangabuye sishintshe njengoba iwindi lokudayiselana ngabadlali lisavuliwe nje emazweni ehlukene.