UBarker ubhoboka ngenxeba lokushiywa oRainers noVan Rooyen
- Intatheli yeLISENETHINI
Umqeqeshi weStellenbosch, uSteve Barker, useveze ukuthi bazobathola abadlali abazovala izikhala ezivuleke kuhamba ukaputeni uDeano van Rooyen nomgadli oshisa izikhotha u-Iqraam Rayners.
Ufisele laba badlali okuhle kodwa emaqenjini abo amasha, wathi vele iStellies yayisungulelwe ukuvulela intsha amathuba ebholeni.
IStellenbosch isanda kudayisa uVan Rooyen kwi-Orlando Pirates noRayners kwiMamelodi Sundowns.
Laba ababili badlale indima enkulu empumelelweni yekilabhu ngesizini edlule, lapho beqede khona endaweni wesithathu kwiligi.
Leli qembu lihinde lanqoba isicoco seCarling Knockout, okuyindebe yalo yokuqala esigabeni esiphezulu.
“Siyiqembu eliqinile. Siyiqembu elikwaziyo ukunqoba izingqinamba nezinselelo esibhekana nazo,” kusho uBarker.
“Kuzo zombili lezi zimo, sibafisela okuhle kodwa abadlali.
“UVan Rooyen uyilungu elisebenze isikhathi eside kunawo wonke le-Stellenbosch Football Club…
“Usisizile ukuthi sizuze esinakho futhi manje usethole ithuba elikhulu kakhulu.
“Ngakho sijabule futhi simjabulele,” kusho uBarker.
“Ekugcineni, yilokho esakuthengela ikilabhu… ukuze sakhele abantu bakulesi sifunda saseWinelands amathuba.
“UDeano ungowase-Idas Valley futhi manje udlalela ikilabhu yakhe ayithanda emncane.
“Ngaphezu kwalokho naye uzohlomula ngokwezimali, ngakho siyamjabulela.
“Odabeni lukaRayners, ubenesigatshana sokudayiswa enkontilekeni yakhe futhi simfisela okuhle kodwa.
“Usisebenzele kahle impela. Sonke siyazi ukuthi uRayners uyenzeleni iStellenbosch Football Club.
“Kodwa impilo iyaqhubeka futhi ngeke sigxile kokwedlule…
OLUNYE UDABA: UMotaung Jr. unomuzwa omuhle ngo-Inacio
“Sidinga ukuhlala sinethemba futhi sidinga ukuzuza impumelelo entsha ngabadlali esinabo,” kusho uBarker.