Nakhu ongafisa ukukwazi ngomgadli omusha weBafana
- Intatheli yeLISENETHINI
Ngesikhathi umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos ememezela isikwati sakhe ngoLwesibili, kugqame igama elilodwa — elikaSimon van Duivenbooden.
Ungubani lo van Duivenbooden? Abalandeli abaningi basale bezibuza njengoba bebelizwa okokuqala igama lakhe.
USimon van Duivenbooden ungumgadli omude, ongu-1.9m ubude odlala kwiVitesse Arnhem, edlala esigabeni sokuqala eHolland. Uneminyaka engu-22.
Uyise ungowaseNingizimu Afrika, kanti uVan Duivenbooden usanda kuthola ipasi lakhe laseNingizimu Afrika ngoJuni, okumenza avumeleke ukudlalela iBafana Bafana.
Uzalelwe e-Uithoorn, eNetherlands, ngo-2002, kanti uVan Duivenbooden wajoyina izinhlaka zentsha kwiVitesse ngo-2017.
Uphinde wachitha amasizini amabili ne-PSV Eindhoven edlala kwi-Under 18 ne-Under 19 ngaphambi kokubuyela kwiVitesse la efike wadlala ku-Under 21.
Wadlala okokuqala eqenjini elikhulu ngesizini ka-2021/22, wadlala imidlalo emibili ngaleyo sizini.
Ngesizini ka-2022-23, wengeze eminye imidlalo eyisishiyagalolunye futhi washaya negoli elilodwa.
Ngeshwa, u-Van Duivenbooden uchithe cishe yonke isizini ka-2023/24 engadlali ngenxa yezinkinga zokubhaliswa kulandela ukulimala ngesikhathi ebolekiswe eqenjini laseBelgium iPatro Eisden.
Ngesikhathi engekho, uVitesse yadliwa yizembe kwi-Eredivisie ngemuva kokuhlawuliswa ngokuthathelwa amaphuzu angu-18 kulandela ukuvela kokuthi ibonudlelawano nowayengumnikazi weChelsea uRoman Abramovich.
Naphezu kwalezi zingqinamba, uVan Duivenbooden usengumdlali obalulekile weVitesse kwi-Eerste Division, lapho asevele edlale khona kabili kule sizini ka-2024/25.
Unerekhodi eliqinile ezingeni lentsha, washaya amagoli angu-24 emidlalweni engu-35 kwiVitesse Under 21 namagoli angu-49 emidlalweni engu-75 kuwo wonke amazinga ekilabhu.
UBroos uhlanganise no-Van Duivenbooden esikwatini sabadlali abangu-38 seBafana esizohlungela i-Africa Cup of Nations.
IBafana, ekuGroup K, izodlala ne-Uganda ngoSepthemba 6 bese iphinde idlale neSouth Sudan ngoSepthemba 10.
OLUNYE UDABA: Usevuke ngelaseBahrain ohluleke kwiPirates
Isikwati sokugcina sizomenyezelwa ngokuhamba kwesikhathi. Amehlo azobe ethe njo kulo mgadli osemncane ukuthi angakwazi yini ukugqama kweyamazwe.