EzintshaKaizer Chiefs

UMaluleka ubhobose ithumba ngokushiya kwakhe kwiChiefs 

  • Sibongiseni GUMBI

Lokhu kwenzeka ngesikhathi sewindi lokuhwebelana ngabadlali likaJanuwari lesizini ka-2019/20.

Kwathusa abaningi kwazise iChiefs yayizihola phambili embangweni weligi futhi kwakubukeka izosinqoba isicoco ngaphansi komqeqeshi u-Ernst Middendorp.

Nokho ngemuva kokuhamba kukaMaluleka izinto zashintsha kakhulu kuMakhosi. 

ISundowns yayiphula izinhliziyo, iyiphuca iqatha emlonyeni ngosuku lokugcina lwemidlalo yeligi. 

Abalandeli beChiefs basola uMaluleka ngokulaxaza kwakhe iChiefs, bathi yikho okwahlakaza iqembu.

Engxoxweni abe nayo neMarawa Sports Worldwide kuleli viki, uMaluleka uveze ukuthi wabefuna ukuqedela isizini kwiChiefs. 

Kodwa wphoqeleka ukuthi ashiye ngemuva kokungafinyeleli esivumelwaneni nabaphathi beqembu. 

“Kwaba yishwa okwenzeka. Angifuni ukuthi ngithi kwakufanele kwenzeke ngaleyo ndlela,” kusho yena.

“Ngalowo nyaka kwakufanele siwine iligi siyiKaizer Chiefs njengoba ngangikhona. 

“Kodwa ngahamba, akwenzekanga, futhi abantu abaningi bathi kwakungenxa yami, okuyinto engeyinhle, kodwa nami ngiyaqonda.

“Ngizamile nokubachazela ukuthi abadlali bebebaningi, besibaningi, ibhola wumdlalo weqembu, futhi usekelwe eqenjini.”

UMaluleka uzwakalise ukuzisola ngokuthi kwagcina kungavunyelwanga ngemibandela nokwaholela ekutheni ahambe.

Kuzokhumbuleka ukuthi leyo sizini yaphela sekwedlulile kuJuni ngenxa yokuthi imidlalo yake yamiswa izinyanga ezintathu ngenxa yeCovid-19. 

Lokhu kwenza ukuthi abadlali abaphelelwa yizinkontileka ngoJuni bangakwazi ukuqhubeka emaqenjini abo.

Nokho iPSL yashaya umthetho wesikhashana owawuvumela amaqembu ukuthi axoxisane nalabo badlali uma ebadinga, basayine izinkontileka ezimfishane zokuqedela imidlalo. 

“Ngakwenza okungangamandla ami, ngakwenza okwakungifanele ngaleyo sizini. 

“Futhi imenenja yami ayikwazanga, angifuni ukuthi ngithi yehluleka wukuqedela isivumelwano. 

“Kodwa ngeshwa, asikwazanga ukuvumelana ngemibandela (yokuthi aqhubeke adlale),” kuchaza yena.