Ngabe iChiefs izokwenza eseDowns ngolimele?
- Sibongiseni GUMBI
IKaizer Chiefs ingase ilandele iMamelodi Sundowns ekubhekaneni nodaba lomdlali wangaphandle olimele.
Ngesizini edlule, iSundowns ibibhekene nokusolwa ngesikhathi ingabhalisanga u-Abubbek Nassir kwiPremier Soccer League ngoba elimele.
Lesi simo sadida abalandeli njengoba ikilabhu yayiluziba, ingacacisi ukuthi kwenzakalani ngalo mdlali wase-Ethiopia.
Owayengumqeqeshi weSundowns, uRulani Mokwena wengeze kulokhu kudideka ngokuveza ukuthi uNassir akasekho eqenjini.
Nokho uNassir usebuyele kwiSundowns kanti kukholakala ukuthi usezobhaliswa ngesizini entsha ngemuva kokululama kwakhe.
IChiefs isibhekene nenkinga efanayo ngomdlali wasemuva waseMozambique, u-Edmilson Dove.
Kuvela ukuthi uDove usanda kuhlinzwa kulandela ukulimala ekhempini yeqembu eTurkey, kanti angase ahlale izinyanga eziyisithupha engadlali.
Lokhu kufake iChiefs enkingeni njengoba kumele inqume ukuthi iyambhalisa uDove noma iyayeka ukuze ivule isikhala somdlalo wangaphandle.
IChiefs isivele isayinise umdlali wasemuva u-Inaccio Miguel kanti kulindeleke ukuthi yengeze umgadli okusho ukuthi idinga izindawo ezimbili zabadlali bangaphandle.
Njengoba uDove elimele, iChiefs ingase inqume ukungambhalisi ukuze kuvuleke isikhala sabadlali abasha bangaphandle.
Kukhona nemibiko yokuthi umgadli waseCongo uChristain Saile angase abolekiswe noma akhululwe ukuze akhulule esinye isikhala somdlali wangaphandle.
Ngesikhathi engabhalisiwe, uDove engabe elungisa amaphepha akhe ukuze abhaliswe njengomdlali wakuleli.
OLUNYE UDABA: Okwenze uPetersen engabonakali kwesonozinti beChiefs
Phela uzobe esehlale kuleli isikhathi esidlulile eminyakeni emihlanu, okumenza akhululeke ukuthatha ubuzwe bakuleli.