Ihubuluze isobho iStellies kwesaseSwatini
- Alfred NGUBANE
IStellenbosh FC izicabele indlela ebheke phambili kwiCaf Confederation Cup ngesikhathi inqoba ngo 3-0 kwiNsingizni Hotspurs yaseSwatini eMoses Mabhida Stadium.
Abafana beStellenbosh bahambe phambili ngesiwombe sokuqala ngegoli elishaywe nguBoy De Jongh ngomzuzu ka-18.
U-De Jong ubethola ibhola eligotshwe ngakwesokudla nguDevin Titus, lahlula abadlali basemuva beHotspurs, lamfica eyedwa uDe Jongh.
IStellenbosh iqhubekile nokuhlasela ngamandla yagcina ngokuthi ithole igoli lesibili ngomzuzu ka-36.
Kube uTitus kulokhu oshaya igoli, kwayiwa ekhefini iStellenbosh ihamba phambili ngo 2-0.
Insingizini Hotspurs beyilokhu ihlezi emuva umdlalo uqalile kodwa ngesiwombe sesibili iqalile ukuba neminyakazo engconywana.
Kodwa abafana beStellenbosh bebeyihlakaza kalula iminyakazo yayo enkabeni yenkundla njengoba uSanele Barnes ubengabezwa abadlali beNsingizini Hotspurs.
Ngomzuzu ka-69 uS’busiso Dlamini ongunozinti weHotspurs udlalise kabi uLehlohonolo Mojela, unompempe obephethe umdlalo wangananaza wayikhomba emlotheni.
Kube nguFawaaz Basadien othatha iphenathi, wayibeka wayinamathisena enethini.
IStellenbosh ngokokuqala idlala emiqhudelwaneni yeCaf kulandela ukuthi iqede endaweni yesithathu kwiPremiership yakuleli.
Lo mdlalo obungekho ezingeni eliphezulu njengoba abadlali bNsingizini bebengakhombisi umdlandla obulindelekile.
OLUNYE UDABA: Lithathekile elaseGermany ngabagajwa yizinkunzi zaseSoweto
Umdlalo womlenze wesibili uzoba kuyo le nkundla yaseMoses Mabhida njengoba iStellies nayo inqume ukusebenzisa yona.