EzintshaMamelodi Sundowns

Ezintsha ngecala likaRayners, iDowns ididekile ngaye

  • Intatheli yeLISENETHINI

Lo mdlali othengwe yiSundowns kwiStellenbosch FC, futhi ngokusho komqeqeshi wayo, uManqoba Mngqithi banohlelo lokumsebenzisa.

Kodwa konke lokho kusazoke kume okwamanje njengoba ephenywa amaphoyisa kulandela icala elibi alishiye eStellennosch.

Ngempelasonto edlule, lo mdlali usolwa ngokuthi wamuhluza kabuhlungu insizwa eyayithi iyamjabulela. 

Le nsizwa yahlangana naye endaweni yokkuzijuxuza, yamjabulela yabe seyimbuza nangokuya kwakhe kwiSundowns. 

Kulapho okwabe isiyinyathele emsileni. Kuthe isiphuma endlini encane la babehlangane khona, yezwa isivuthelwa ngengilazi ebusweni.

Yasala yopha futhi yaze yaya esibhedlela la yafike yathola khona izitishi ezimbalwa ekhaleni. 

Yabe seyivula icala emaphoyiseni, kanti ngokombiko wakamuva weSNL24, akukaboshwa muntuu ngaleli cala. 

“Sicela nazi lokhu, umsolwa kuleli cala alikho icala aselivulile eliphikisana navulelwe lona.

“Icala lokushaya ngenhloso yokulimaza elavulwa yisisulu lisaphenywa,” kusho amaphoyisa aseWestern Cape esitatimendeni. 

“Akekho osaboshiwe okwamanje. Ngakho ke alukho usuku lokuvela enkantolo eselikhishiwe.” 

Kuvela nokuthi iSundowns isalinde kuphothulwe leli cala ngaphambi kokumethula emphakathini lo mdlali.

Uyifake enkingeni ngoba icala lodlame yinto leli qembu elingahambisani nayo ngakho ukumethula manje kungalingcolisa igama leqembu.