UVilakazi uveza akutshelwa uNabi ngomjiko wakhe
- Intatheli yeLISENETHINI
Umdlali osemncane weKaizer Chiefs, uMfundo Vilakazi, useveze ingxoxo aba nayo nomqeqeshi uNasreddine Nabi kulandela isigameko esibe ngundabuzekwayo somjiko wakhe.
Lo mgadli osemncane uzithole esolwa kulandela ukuthi avele wagibela ibhola, washaya izitayela ekubeni iqembu lilandela ngemuva.
Lesi sigameko senzeka ngesikhathi iChiefs ilandela ngemuva ngo 2-0 kwiToyota Cup, la leli qembu lagcine lishaywe ngo 4-0 yiYanga SC.
UVilakazi, ozakhele igama ngawo umjiko esesenkulisa yeChiefs, waqhubeka nalokhu okubizw ange‘Kasi Flavour’, wazithola esegxekwa.
Umdlali weYoung Africans uStephane Aziz Ki wakubiza “ngombhedo” “nokumosha isikhathi” uma kubhekwa ukuthi iqembu lalihlulwa yena enza le migilingwane yakhe.
Ngokusho kukaVilakazi, umqeqeshi uNabi ukhulume naye ngemuva kwalesi sigameko.
Uthi akagxilanga kule migilingwane yakhe kodwa wambonisa ngokuthi engayenza uma kwenzenjani.
UVilakazi uveze ukuthi uNabi ukugcizelele ukubaluleka kokusebenzisa umjiko ngendlela ezohlomulisa iqembu ikakhulukazi uma lihlasela.
“Umqeqeshi uNabi wangitshela ukuthi akumele ngikwenze uma iqembu lihlulwa,” kusho uVilakazi kwi-FARPost.
“Uma ngenze njalo, kumele kube ngendlela enenqubekela phambili, isize iqembu liye phambili ukuze lizuze kuyo.
“Uthe akanayo inkinga ngekhono lami lomjiko, kodwa kumele ngilisebenzise ukuhlasela, hhayi nje ukubukisa.”
Phezu kwalokhu kuhlasela, uVilakazi ukholwa wukuthi umjiko usenayo indawo ebholeni elikhokhelayo.
Nokho usefunde ukuqaphela ukuthi kumele awusebenzise nini umjiko wakhe.
“Ngikholwa wukuthi umjiko unendawo yawo ebholeni, kodwa kuya ngesikhathi.
OLUNYE UDABA: Limfiliba ikusasa koweBafana kwiligi yase-US
“Ngifunde ukuthi ngingakwenzi uma iqembu lihlulwa, ngikwenze uma umdlalo usuyophela futhi siwina,” usho kanje.