Caf Champions LeagueEzintsha

Sikhathele ukuba omvakwezinye – Chaine wePirates

  • Intatheli yeLISENETHINI

Lokhu kushiwo ngunozinti uSipho Chaine, obekhuluma ngaphambi komdlalo wokuqala weChampions League ngempelasonto.  

IPirates izobhekana nompetha baseMadagascar iDisciples eMauritius ngeSonto emlenzeni wokuqala wesigaba sokuhlunga.

UChaine ukholwa ukuthi kubalulekile ukuthi iPirates iziveze njengeqembu elizinikele embangweni walo mqhudelwano. 

“Eqenjini elinjenge-Orlando Pirates, ukumela iqembu elikhulu kangaka ezwenikazi lase-Afrika kufanele kube yinto ejwayelekile,” kusho uChaine. 

“Ukudlala nabadlali abahamba phambili ezwenikazi yinto okumele silwele ukuyenza njalo ngesizini.”

IPirates igcine ukufinyelela esigabeni samaqoqo ngo-2019 ngaphansi komqeqeshi uMilutin “Micho” Sredojevic, lapho yakhishwa khona kuma-quarterfinal. 

Kusukela lapho, leli qembu lithwale kanzima ukuze kulo mqhudelwano, lisheshe lisale. 

UChaine uzimisele ngokushintsha lokho, ikakhulukazi ngemuva kokuqeda ngamandla ngesizini edlule. 

“Isizini ngayinye sihlose ukufinyelela ezingeni eliphezulu kakhulu. 

“Kungakhathaliseki ukuthi siyakufeza noma cha, okubalulekile wukulandela imigomo esizibekele yona futhi sisebenzele ukuyifeza,” usho kanje. 

“Noma ngabe iChampions League, iligi yasekhaya, noma imiqhudelwano yezinkomishi, esigxile kukho wukuncintisana ezingeni eliphezulu kuyo yonke imiqhudelwano.”

Ukuzimisela kukaChaine kugqamisa ukuzibophezela kwePirates ekubuyiseni isithunzi sayo njengeqembu elinamandla ebholeni lase-Afrika. 

Njengoba liqala uhambo lwabo lwe-Caf Champions League, leli qembu ligxile ekutheni likhombise ukuthi liyingxenye yamaqembu asezingeni eliphezulu ezwenikazi. 

Umdlalo ozayo ne-Disciples uzoba yisinyathelo sokuqala esibalulekile kulokho okufiswa yiPirates kule sizini.