Usevuke ngomsebenzi kuMaZulu olaxaze iBay
- Sibongiseni GUMBI
AmaZulu FC asememezele ukuqashwa kukaVusumuzi “Kanu” Vilakazi njengomqeqeshi omusha weqembu lawo lenkulisa.
UVilakazi, osanda kushiya isikhundla sokuba ngumqeqeshi kwiRichards Bay FC, usesheshe wawuthola omunye umsebenzi.
Lesi simemezelo sokuqashwa kwakhe senziwe ngesitatimende esikhishelwe abezindaba ngoLwesine ntambama.
Ukushiya kukaVilakazi kwiRichards Bay bekulandela ukungaboni ngaso linye nabaphathi ngokujikwa kwemibandela yenkontileka yakhe.
AmaZulu awabange esapholisa maseko, amthatha lo mqeqeshi osemncane ongomunye wababonakala benekusasa elihle.
UVilakazi, owayengumgadli esadlala, usenamava ekuqeqeshaeni, ikakhulukazi ezinkulisa.
Phambilini uke wasebenza kwiDStv Diski Challenge (DDC) nakwiPremiership.
Amava akhe kulindeleke ukuthi abe wusizo eqenjini labafana abasakhuliwa kuMaZulu.
Wenze umsebenzi oncomekayo esikhundleni esifanayo ezimbangini zaMaZulu, iGolden Arrows lapho egcine enyukela eqenjini elikhulu.
AmaZulu azwakalise ukuwethemba amakhono namava kaVilakazi.
“Siyajabula ukumemezela ukuqashwa kukaVusimuzi Vilakazi njengomqeqeshi wethu omusha weqembu leDiski ngesizini ka-2024/25.
“U-‘Kanu’ njengoba aziwa kanjalo, uza nensada yesipiliyoni, phambilini wenze kahle ezingeni le-DDC kanye nelePremiership.
“Sinethemba lokuthi ubuhlakani bakhe nombono wakhe kuzolizuzisa kakhulu iqembu lethu.
OLUNYE UDABA: UMnisi uphawula ngenkontileka kaZwane ‘ekhalisayo’
“Sidlulisa izilokotho ezinhle kuVusimuzi njengoba eqala lolu hambo olusha nathi,” kusho AmaZulu esitatimendeni.