UMosimane ubindwa eyenkontileka kaMokoena kwiSundowns
- Intatheli yeLISENETHINI
UPitso Mosimane akamboni uTeboho Mokoena efeza iphupho lakhe lokuyodlala phesheya kwezilwandle kulandela ukuthi lo mdlali esayine inkontileka entsha yesikhathi eside neMamelodi Sundowns.
NgoMgqibelo, iSundowns imemezele ukuthi uMokoena usayine inkontileka yeminyaka emihlanu ezomenza ahlale kuleli qembu kuze kube u-2029.
Ngaphambi kokusayina inkontileka entsha neSundowns, uMokoena ubemataniswa neBournemouth edlala kwi-English Premiership nezinkunzi zase-Egypt, i-Al Ahly.
UMosimane ubona sengathi amathuba kaMokoena okuyodlala phesheya kwezilwandle mancane manje, njengoba ethi uzobe eneminyaka engu-32 ubudala uma kuphela inkontileka yakhe kwiSundowns.
“Singathini? Konke kumayelana nemali; konke kumayelana nekusasa,” uMosimane usho kanje kwabeFARPost.
“Bengilindele ukuthi umfana uzoyishiya iSundowns, kodwa hhayi ngendlela embi.
“Lokhu bekuzosiza neqembu lethu lesizwe. Ube esenquma ukuhlala kwiSundowns ngemuva kokunikwa inkontileka entsha.”
“Ngikhathazekile manje ngokuthi uzohamba nini, uma kubhekwa iminyaka yakhe.
“Uneminyaka engu-27 manje, futhi bamnikeze inkontileka yeminyaka emihlanu, ezophela uma eseneminyaka engu-32.
“Angimboni eya phesheya kwezilwandle manje, ngaphandle uma kukhona iqembu elingafika lizomthenga limkhiphe kule nkontileka yakhe, engicabanga ukuthi ngeke kwenzeke,” kwengeza lo mqeqeshi owake waqeqesha iBafana Bafana.
UMokoena ubengumdlali oqavile kwiSundowns kusukela eyijoyine esuka kwiSuperSport United ngo-2022.
OLUNYE UDABA: IPirates idalula ozogqoka uNombolo 10
Lo mdlali usedlale imidlalo engu-93 kwiSundowns, washaya amagoli ayisishiyagalolunye.