Kuvuke umunyu kuVan Rooyen evalelisa kwiStellies
- Sibongiseni GUMBI
Ngemuva kweminyaka eyisishiyagalombili ekwiStellenbosch FC, uDeano van Rooyen usejoyine i-Orlando Pirates.
UVan Rooyen, oneminyaka engu-27, odabuka e-Idas Valley, uzwakalise ukuziqhenya kwakhe ngokumela nokuba ngukaputeni wekilabhu yangakubo.
Ukuveze lokhu emyalezweni wokuvalelisa kwiMaroon Army ngoMsombuluko.
“Kube wukufezeka kwephupho lami ukuthi ngidlalele iStellenbosch FC kule minyaka eyisishiyagalombili edlule,” kusho uVan Rooyen.
“Ngikhulele eStellenbosch, alikaze libe khona iqembu lebhola elikhokhelayo.
“Ngakho, ngesikhathi iqembu lisungulwa, kwaba yiphupho lami ukuba ngumdlali weStellenbosch.”
UVan Rooyen usijabulele isikhathi sakhe ekilabhini, lapho edlale khona imidlalo engu-161 okuyirekhodi njengoba kusenguye yedwa odlale imidlalo emingaka kuleli qembu.
Ukhumbule izikhathi ezibalulekile empilweni yakhe, okuhlanganisa ukudlala kwakhe okokuqala, ukunqoba iNFD, nokuphakamisa indebe yeCarling Knockout.
“Njengomuntu wasendaweni, ngiyaziqhenya kakhulu ngokusiza ukuletha indebe ekilabhini,” usho kanje.
“Kuwumuzwa omuhle ukwazi ukuthi abadlali abasebancane baseStellenbosch bangabheka uhambo lwami bese bebona ukuthi amaphupho ayafezeka.
“Akulula, kodwa ngokusebenza kanzima nangokuzethemba nokukholelwa ephusheni lakho, kungenzeka.”
UVan Rooyen uphinde wakhuluma ngokuzizwa ehloniphekile ngokunikwa ithuba lokuba ngukaputeni weStellenbosch FC.
“Ibhande lobukaputeni lalinzima, kodwa ngangazi ukuthi nginakho kimina ukuhola iqembu,” kukhumbula yena.
“Ukunqoba iCarling Knockout kuzophila nami ingunaphakade.
OLUNYE UDABA: Uhlanjalazwe emphakathini owayevimba kwiChiefs neBucs
“Ukuphakamisa isicoco njengomdlali wasekhaya yinto engizoyithwala kuze kufike usuku engithatha ngalo umhlalaphansi.”