UMohafe uchaza eyokushiya u-Appollis ngaphandle
- SIbongiseni GUMBI
Umqeqeshi wePolokwane City, uPhuti Mohafe, usivikele isinqumo sakhe sokuqalisa ebhentshini isihlabani seBafana Bafana u-Oswin Appollis.
U-Appollis, ongomunye wabadlali ababhekwe ngabomvu kule sizini, ubengekho eqenjini eliqale umdlalo bebhekene neMamelodi Sundowns kwiMTN8 ngeSonto.
UMohafe ugcizelele ukuthi isinqumo sakhe besingahlangene namahemuhemu akhona ngo-Appollis nekusasa lakhe eqenjini.
U-Appollis kubikwa ukuthi useyashiya kwiPolokwane njengoba kunemibiko ethi uyojoyina ikilabhu yase-Algeria igama layo elisagodliwe.
Yize kunjalo, ungenile ngomzuzu ka-58 ethatha indawo kaMokibelo Ramabu ngesikhathi iPolokwane ihlulwa ngo 1-0 eLucas Moripe Stadium ngeSonto.
ISundowns iwine lo mdlalo ngegoli likaThabang Matuludi elibe wumkhonto ogwaza ekhaya esikhathini esengeziwe.
U-Appolis ungene wanikeza abadlali basemuva beSundowns ubunzima futhi waba neshwa lokungalitholi igoli emizuzwini yokugcina yesikhathi esengeziwe.
Futhi nakuba abanye bebecabanga ukuthi ushiywe ngaphandle eqenjini eliqale umdlalo ngenxa yokuthi umqeqeshi ubazi ukuthi useyahamba, uMohafe uyaphika.
“Lolu daba luka-Appollis seluqala ukuba yisihloko esikhulu manje,” kusho uMohafe ezwakala ecikeka.
“Iqembu ngalinye linendlela yalo yokuhlela izinto emdlalweni, kanti nango-Oswin akuhlukile.
OLUNYE UDABA: Sekuqinisekisiwe, uDeano Van Rooyen useyiBhakabhaka
“Isinqumo besisekelwe phezu kwamasu omdlalo nendlela ebesifuna ukumelana ngayo neSundowns.”